‘AmaSharks angase akuphinde lokho’
AKAKHOHLWA namanje yisenzo seCell C Sharks inqoba isicoco seCurrie Cup ekuhambeni ishaya iDHL Western Province ngo-2013, uJean-Luc du Preez oyi-flanker yeqembu laseThekwini.
Ngokusho kukaDu Preez, owayenza u-matric ngaleso sikhathi, oShaka bamangaza abaningi benqoba isicoco benganikwe thuba.
UDu Preez uthe kungenzeka ngoMgqibelo amaSharks, azodlala neqembu elifanayo emqhudelwaneni ofanayo ekuhambeni, akuphinde lokho.
Umdlalo wamanqamu obhekwe ngabomvu uzoba seNewlands Stadium, eKapa, ngo-4 ntambama.
“Sibheke ukuthi sisinqobe isicoco seCurrie Cup ngoba sekuphele iminyaka emihlanu sagcina ukusinqoba. Empeleni ngesikhathi iSharks igcina ukunqoba isicoco ngangisenza u-matric. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi isikhathi sesihambile, kumele nakanjani sisinqobe lesi sicoco,” usho kanje uDu Preez ngemuva kokuziqeqesha nezakhe eKings Park Stadium.
UDu Preez ubuya ekulimaleni okumhlalise izinyanga ezintathu nohhafu engadlali. Selokhu ebuyile usadlale imidlalo emibili kwiCurrie Cup. Udlale neTafel Lager Griquas (imizuzu ewu-20), wabhekana neXerox Golden Lions (imizuzu engu-30).
“Kumnandi ukubuyela emdlalweni engiwuthandayo. Empeleni ngizizwa ngiwumqemane, kangangoba ngagcina ukuzizwa kanje eminyakeni emibili edlule,” usho kanje uDu Preez.
Ngesizini edlule iSharks ishaywe yiqembu elifanayio kowamanqamu kulo mqhudelwano eKings Park Stadium. Umdlalo waphela abalandeli beSharks bekhala emuva kokushaywa ngo 33-21.
“Kusebuhlungu ukuthi sashaywa ngesizini edlule futhi sishaywa yiqembu elifanayo. Okubalulekile njengamnje wukuthi sibe nenhlanhla yokuzithola kowamanqamu futhi, ngakho kufanele sinqobe kulokhu,” kusho uDu Preez.
Kusuka ngo-1999, iSharks isidlale kowamanqamu amahlandla ayishumi, yanqoba isicoco kathathu.