Ubhodle umlilo uBenni edliwa Usuthu
USHAYWE wasola abadlali bakhe ngokumdayisa, uBenni McCarthy, opheka iCape Town City ewashiswe ijezi AmaZulu FC kwiLast 16 yeTelkom Knockout (TKO) ngoLwesibili.
Usuthu lushaye i-The Citizens ngo 2-0 wamagoli ka-Emiliano Tade noBongi Ntuli abawashaye ngesiwombe sesibili eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMcCarthy uthe usekhathele ukushumayela ivangeli elilodwa kubadlali bakhe kodwa bangakwenzi akushoyo. Lo mqeqeshi obethelwe ngezibonkolo ngemuva komdlalo, uze wathi uyasola ukuthi hleze abadlali bakhe abasamuzwa, mhlawumbe kungenzeka ukuba sebedinga omunye umqeqeshi.
Ukhuluma kanjena nje uMcCarthy ezakhe zisanda kunqoba isicoco seMTN 8, emasontweni ambalwa edlule.
“Abadlali bami balalile ngesiwombe sesibili esikhundleni sokwenza umsebenzi wabo. Ngiphatheke kabi ngalesi senzo kakhulu. Iqiniso ukuthi kumele ngenze umsebenzi wami, ngigcine lapho. Konke okunye kulele kubadlali. Ngihlezi ngilambele ukunqoba, ngoba uma ungumdlali uhlezi ufuna ukunqoba,” usho kanje uMcCarthy.
Eqhubeka uthe: “Abadlali bami kufanele bakufake emakhanda abo (awabize ngaqinile) ukuthi uma udlala usuke udlalela ukunqoba. Hhayi indaba yokudlala ibhola elihle, elithokozelwa abalandeli. Lelo bhola elihle alisizi ngalutho. Sekufike kuleso sikhathi lapho kufanele kube khona okwenzekayo. Kukhona izinguquko okumele zenzeke, kufanele bazi ukuthi uma beboza ngizobahlalisa ebhentshini, nginike abanye ithuba.”
Akagcinanga lapho, njengoba edlulele nasekutheni abaphathi beqembu kufanele naye bambukisise.
“Angazi, mhlawumbe nabaphathi beqembu kufanele bangibheke nami, mhlawumbe nami angikulungele ukuhola leli qembu, ngoba kuyacaca ukuthi kukhona okungahlangani kahle. Ngiyasola ukuthi abadlali mhlawume abasafuni ukungidlalela. Imidlalo efana nalena (esho abewudlale noSuthu), ikwenza ucabange ukuthi ngempela ngabe yikuphi okwenzayo njengomqeqeshi okungahambi kahle. Sengikhathele ukulokhu ngizihlaziya ukuthi yini engiyenzayo engahambi kahle,” kusho uMcCarthy ephakamisa izwi.
Ngokusho kwalo mqeqeshi, usebenza kanzima engalali ebusuku kodwa konke lokho akubonakali.
“Ngisebenza kanzima ngingalali, sizama amaqhinga ehlukene okunqoba imidlalo kodwa kungenzeki. Siyithimba labaqeqeshi asilali, kuze kube yizintatha ngo-1 ekuseni sizama ukulungisa izinto kodwa akukho mehluko. Ngakho kukhona okufanele kwenzeke,” uphethe kanje uMcCarthy ozophinde abhekane noSuthu emdlalweni we-Absa Premiership ngempelasonto.
EzikaBenni bekusaphele amasonto ambalwa ziqukule indebe yeMTN 8 ngemuva kokushaya iSuperSport United kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.