Ngeke ngibuye bulanzi eKapa: Johnson
UMQEQESHI waMaZulu FC, uCavin Johnson, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke abuye elambatha eKapa.
Usuthu lushaye into ecokeme luwashisa ijezi iCape Town City ngo 2-0 emdlalweni we-Last 16 kwi-Telkom Knockout (TKO) ngoLwesibili eKing Zwelithini Stadium eMlaza.
UJohnson uthe nakuba eyishayile iCity ngoLwesibili, uyazi ukuthi eKapa uma sebedlala umdlalo we-Absa Premiership ngoMgqibelo akuzoba lula neze. Umdlao uzodlalelwa eCape Town Stadium ngo-8.15 ebusuku.
Usuthu, oluyibambe emsileni kwi-log ngamaphuzu amathathu emidlalweni eyisishiyagalombili, ludinga amaphuzu ngokukhulu ukushesha. AmaZulu asengingeni yamaphuzu ngenxa yamaphuzu ayisithupha awawaphucwa yiFifa ngodaba lomdlali uPhineas Nambandi leli qembu elaphula inkontileka yakhe ngokungemthetho.
“Abadlali bayazi ukuthi umdlalo wethu neCape Town City ngoMgqibelo ubaluleke kakhulu ngenxa yendawo esikuyona kwilog. Sizoya eKapa sazi ukuthi siyodlala neqembu elizobuyelwa ngabadlali balo ababalulekile kulo mdlalo. Angicabangi futhi ukuthi umqeqeshi weCity, uBenni (McCarthy), uzodlala ngendlela efanayo naleyo adlale ngayo kwiTKO ngoba abanye abadlali bebenamakhadi bengekho emdlalweni. Kuzofanele siqhamuke nelinye iqhinga ukuze kube khona esibuya nakho eKapa ngoba kufanele sibuye nokuthile,” kusho uJohnson.
Eqhubeka echaza uthe ujabule kakhulu ngokuzwana kwabagadlali bakhe u-Emiliano Tade noBongi Ntuli ababonakala beyingozi kakhulu ngenxa yokulekelelana kwabo enkundleni. UJohnson uthe uTade usazothwala kanzima ebholeni lakuleli ngoba usajwayela indlela okudlalwa ngayo.
Ngesiwombe sokuqala emdlalweni woSuthu neCity ngoLwesibili uTade ubede edliwa yisicathulo sezitobha zeCity ebezingamnike thuba. Umgadli wase-Argentina usevalele phakathi amagoli amathathu oSuthwini selokhu kuqale isizini.
“UTade uzofunda futhi uzojwayela. Okuhle ngaye ukuthi ungowase-Argentina ngakho uyakwazi ukubekezela. Simthengiswe wukuthi uyalazi ipali lingakuphi futhi uyakwazi okumele akwenze ebhokisini. Yebo amaligi abedlala kuwo angaba sezingeni eliphansi kodwa lokho akushintshi ukuthi igoli lishaywa kanjani. UBongs (esho uBongi Ntuli) ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi unomoya wokulwa namagoli siyawathola kuye,” kusho uJohnson.