OweBanyana uthembisa lukhulu ngemidlalo eGhana
UKAPUTENI weBanyana Banyana uJanine van Wyk uthi iNigeria akusiyona kuphela okumele bayiqaphele emaqenjini abaqhathwe nawo kwi-Africa Women Cup of Nations engenyanga ezayo eGhana.
IBanyana ifakwe kuGroup B nompetha iNigeria, iZambia neKenya. KuGroup A kuboshelwe iGhana, Cameroon, Algeria neMali.
IBanyana izovula umqhudelwano neSuper Falcons ngoNovemba 18. Elakuleli lisayihlule kanye emlandweni iNigeria esinqobe lo mqhudelwano izikhawu eziyisishiyagalombili.
“Bekuzoba nzima noma ngabe besifakwe kweliphi iqoqo. Ibhola labesifazane e-Afrika liyadlondlobala ngesivinini ngakho awasekho amaqembu okulula ukubhekana nawo. Siseqoqweni elinzima futhi siwubheke ngabomvu umqhudelwano,” kusho uVan Wyk.
“Sidlalile nalawa amanye amaqembu esiqhathwe nawo futhi akukaze kube lula ukudlala nawo, ngakho kuzomele silungiselele ukubhekana nanoma yiliphi iqembu ngokwehlukana kwawo.”
Uthe kusemqoka ukulungisa irekhodi labo lokungaqali kahle emqhudelwaneni.
“Umdlalo wokuqala ubalulekile kithina. Sidlala nezimbangi zethu. Phambilini asiqalanga kahle emqhudelwaneni, kufanele sikushintshe lokho sizitshele ukuthi sizohlasela zibekwa. Akufanele siye kubona sikhombisa uvalo ikakhulukazi njengoba iningi lethu esikwatini linesipiliyoni sokudlala nabo,” kusho uVan Wyk owashaya igoli behlula iNigeria kuma-semi final eNations Cup ngo-2012.
Emdlalweni wesibili iNingizimu Afrika idlala neKenya ngoNovemba 21 bese ivala eyamaqoqo neZambia ngoNovemba 24.
Amazwe azoqeda endaweni yokuqala neyesibili iqoqo ngalinye azodlulela kweyandulela owamanqamu. Amaqembu amathathu azogcina eqeda phezulu azomela i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba eFrance ngonyaka ozayo. IBanyana ayikaze iye kwiNdebe yoMhlaba.