Isolezwe

Kuxoshwe umsakazi oxabane nomfundisi

- CHARLES KHUZWAYO

AKANEME umsakazi wesifazane othi ukhonjwe indlela yisiteshi somphakath­i saseThekwi­ni iMbokodo 96.8 FM ngemuva kokuxabana nozakwabo ongumfundi­si ezindlini zokusakaza ezisePinet­own.

UFaith Ngubo (21), obesakaza ngokuhlang­anyela uhlelo lwasekusen­i iRoyal Breakfast Show noSambulo Nkwanyana, uthe usanda kuxoshwa.

Lo msakazi watholana phezulu nozakwabo uMfundisi Sizwe Manqele kubangwa ukuphamban­a ngenkulumo ekhasini labasakazi balesi siteshi elikuWhats­App.

UFaith wabe esefaka udaba lwakhe emaphoyise­ni ngenhloso yokuzivike­la kumfundisi, ayemsola ngokumbeka isandla.

Ethintwa uFaith uvumile ukuthi ubhuquza ekhaya kodwa wakhala ngokuthi abubanga bikho ubulungisw­a ekuxoshwen­i kwakhe.

“Kwakufanel­e ngixoshwe nengimmang­alele hhayi ukuthi ngixoshwe ngedwa. Kwakufanel­e sihlaliswe phansi, siquliswe bese icala lingilahla ngaphambi kokuxoshwa kodwa lokho akwenzekan­ga,” kusho uFaith.

UFaith uthe wavele wabizwa maqede watshelwa amaphutha akhe. “Ngasuka lapho ngaya enkantolo ngayosula incwadi eyayivimba umfundisi ukuthi angasondel­i kimi engangiyif­akile. Sengizihla­lele endlini kwangena umyalezo ngeSMS uthi sengixoshi­we emsebenzin­i.”

Ebuzwa umphathisi­teshi uSandile Ngema uthe bewumsakaz­o bathathe isinqumo sokummisa uFaith ukuze alungise izinkinga zakhe.

“Sithe asimmise ngoba waphula imigomo yomsakazo ngokudluli­sa udaba lwakhe emaphoyise­ni nasemaphep­heni ekubeni bengazi abaphathi besiteshi. Kwakufanel­e aqale alubikele thina siluxoxe ngaphambi kokudlulel­a kwezinye izinhlaka ezingaphan­dle komsakazo. Lokho kwafana nokuthi udicilela phansi igama lenkampani.”

UNgema uthe abamxoshil­e uFaith kodwa bafuna alungise izinkinga zakhe ngoba bekungasas­ebenzeki kahle naye esaxakwe yizinkinga.

“Uhlelo abelwenza lwasekusen­i lukhulu kakhulu ukuthi ubengalusa­kaza esabhekene nezinkinga. Sizozama ukumfunela usizo ukuze abuye kahle esekulunge­le ukusakaza,” kusho uNgema.

UFaith uthe akasathemb­i lutho ngoba washaywa wumsakazi kodwa kwaxoshwa yena engumgilwa.

“Njengamanj­e ngigxile ebhizinisi­ni lami lokudayisa izikhwama zabantu besifazane iFaith Ngubo Collection. Yilo engisenza ngalo imali ukuze ngikwazi ukuzondla futhi ngikhokhel­e nerenti eflethini kodwa khona ngilimele ngoba ngiyakutha­nda ukusakaza futhi nginesiphi­wo. Angikwazi ukuphila ngaphandle kokusakaza,” kusho uFaith othe waxolisa kakhulu ngesenzo sakhe.

“Yingakho ngayicisha nencwadi evimbela umfundisi,” kuphetha uFaith.

 ?? Isithombe:FACEBOOK/FAITH ?? UFAITH Ngubo oxoshwe emsakazwen­i womphakath­i iMbokodo FM ngemuva kokulwa nozakwabo ezindlini zomsakazo
Isithombe:FACEBOOK/FAITH UFAITH Ngubo oxoshwe emsakazwen­i womphakath­i iMbokodo FM ngemuva kokulwa nozakwabo ezindlini zomsakazo
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMMELI kaNgizwe Mchunu oxoshwe kuKhozi FM ngesonto eledlule uthe sebeluthol­ile usuku udaba lwabo oluzolalel­wa ngalo enkantolo
Isithombe: INSTAGRAM UMMELI kaNgizwe Mchunu oxoshwe kuKhozi FM ngesonto eledlule uthe sebeluthol­ile usuku udaba lwabo oluzolalel­wa ngalo enkantolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa