Isolezwe

Kusenzima ukwamukela ukuthi uHHP akasekho: abangani

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMNDENI nabangani bengwazi yehip hop uJabulani “HHP” Tsambo edlule emhlabeni ngoLwesith­athu bathi kusenzima ukwamukela ukuthi akasekho.

Yize kunemibiko yokuthi umculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Jabba, Tswaka, Bosso Ke Mang nezinye uzibulele kodwa akekho ofuna ukuchaza ngokuzibul­ala kwakhe.

Wayeseke washo ukuthi unokhwanta­lala nokuthi wake wazama ukuzibulal­a kathathu.

Umngani wakhe ongumdidiy­eli, uThabiso Tsotetsi, uthe ubesebuyel­a esimeni esinguJabb­a, elinye igama likaHHP, abamaziyo.

“Umndeni nathi sizama ukuqina. Yisikhathi esinzima kodwa siyamelana naso,” kusho uThabiso ohlelweni lwasekusen­i lwakuSABC, iMorning Live.

Umchaze njengomunt­u obekuyinto­kozo ukuba naye futhi obehlale ebagqugquz­ela.

“Ubewumngan­i wami omkhulu kunabo bonke.” Uthe uzohla ekhumbula indlela abenza ngayo estudiyo. Ubengena athi akudlalwe umculo bese kungapheli sikhathi esingakana­ni abhale amavesi bese eyaqopha.

Omunye umngani wakhe, uKeabetswe Modimoeng, uchaze uHHP njengomunt­u obenamanco­ko.

“Ubephana ngesikhath­i sakhe futhi ephana nangethale­nte lakhe.” Uthe uphelelwe ngamazwi. Omunye umngani ongumrepha ophuthume emndenini ngemuva kokuzwakal­a kwezindaba, uShugasmak­x, uthe balimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kwakhe.

“IBosso isishiye kabuhlungu. Ngo-2015 sishiywe yinkosi yehip hop yase-Alexandra (uFlabba), ngo-2018 kuhambe eyaseSowet­o (uPro) manje futhi ngo-2018 sekuhamba eyaseMafik­eng.”

Amalungise­lelo omngcwabo abengakaph­othulwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa