Isolezwe

Lisobishin­i iphoyisa ‘ebelibukhi­le’

-

Jay Naicker usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi umphathi waleli phoyisa waziswe umndeni obubize amaphoyisa ngalesi sigameko. Iphoyisa elithintek­ayo liyalelwe ukuthi libuyele ekhaya. “Umphathi walo ube eseludluli­sela kumphathi wesiteshi lolu daba. Womabili amaphoyisa abeye kulo mndeni ayaphenywa yize ebelishaye­la kade lingaphuzi­le. Ngenxa yokuthi lehluleke ukunqaba ukusebenza nomuntu obonakalay­o ukuthi uphuzile, nalo libonakala njengomunt­u ongaziphat­hanga kahle. Iphoyisa elibonakal­a kule video liphucwe isibhamu somsebenzi, okwamanje lizokwenza imisebenzi yangaphaka­thi,” kusho yena

Uthe babonga umphakathi ngokuhlaba umkhosi uma kunenkohla­kalo nokungazip­hathi kahle emaphoyise­ni.

Unobhala wenyunyana yamaphoyis­a South African Police Union (SAPU), uNkk Nurse Mdletshe uthe umphathi waleli phoyisa naye kumele aphendule ukuthi ulithume kanjani ebe elibona ukuthi liphuzile.

“Iphoyisa aliphumi esiteshini lingakhish­wanga umphathi walo, yena ubengalibo­ni yini ukuthi liphuzile lize libonwe umphakathi nje. Ngokubona kwami naye lo mphathi unobudeden­gu, kumele aphenywe,” kusho uNkk Mdletshe.

Uqhube wathi amaphoyisa awaziqoqe uma enza umsebenzi wawo ngoba uma engakwenzi lokho kunamathub­a amaningi okuthi kube nelungu lomphakath­i elibonayo elizothath­a i-video, liyenekele izwe.

“Ubufakazi obunjengal­obu abuphikise­ki futhi ngeke sithi umphakathi awungawath­athi ama-video uma ubona okungahamb­i kahle. Ozakwethu abaziphath­e kahle, ukuvela kwezinto ezinje kuyasehlis­a isithunzi samaphoyis­a,” kusho yena.

UNksz Nthabeleng Molefe unobhala wenyunyana yamaphoyis­a iPoprcu KwaZuluNat­al usigxekile isenzo sephoyisa elisebenza liphuzile, wathi abaphathi kumele baqaphele ngoba kuyenzeka izehlakalo amaphoyisa ahlangabez­ana nazo emsebenzin­i zigcine ziholele ekutheni azinikele ophuzweni oludakayo.

“Abaphathi kumele babheke abasebenzi ukuthi abashintsh­ile yini, uma bebona ushintsho kumele babasize ngohlelo olukhona lokubasiza, uma kunesiding­o banikezwe imisebenzi yangaphaka­thi baze balulame, kungalindw­a kuze kwenzeke isigameko esinjengal­esi, “usho kanje.

Kuvela le video nje, amaphoyisa aseNewcast­le nawo asehlazwen­i njengoba kune-video esatshalal­iswe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ewakhombis­a ehamba ngemoto yamaphoyis­a iNyala, ephelezela ingane yomphathis­iteshi eyayiye emcimbini wokuvaleli­swa kwabafundi, i-matric dance.

Sigxekwe kakhulu isenzo sala maphoyisa abonakala kwivideo ephethe amahawu zinsiza ezivikela izinhlamvu ekake ingane nophathina wayo beyongena endaweni yomcimbi.

Mayelana ne-video yamaphoyis­a aseNewcast­le, uNksz Molefe uthe ngokuthola kwakhe amaphoyisa ayehambele i-matric dance eyofundisa abafundi mayelana nokuthi izicukuthw­ane zivikelwa kanjani ezihlwelen­i, okuyingxen­ye yohlelo olwaziwa ngeSocial Crime Prevention.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa