Isolezwe

Ingane (10) ibuyiswe ‘enkulisa’ isishonile

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA izimpendul­o umndeni waKwaMashu wengane enezinyang­a ezingu-10 abathi ibuyiswe enkulisa egadwa kuyo isishonile kade ihambe iphila saka.

UKusaselih­le Manqele ushone ngeledlule ngoLwesine kade ephuma enkulisa agadwa kuyo eNgcongcwe­ni, eNanda .

Ngokusho komndeni, le ngane owesifazan­e oyigadayo emzini wakhe, uyibuyise eyisongile wayilalisa phezu kukasofa.

Uma beyivula ingane bathole isiluhlaza, iphuma igazi ngamakhala.

Uma beyiphuthu­misa emtholampi­lo kutholakal­e ukuthi bese kunesikhat­hi ishonile.

UNksz Dana Manqele unina omdala wale ngane uthe bafuna lo wesifazane ogada ingane achaze ukuthi uyenzeni ingane.

“Ingane yabuyiswa umama oyigadayo isongiwe wayibeka kusofa wathi ilele. Kwakukhona ugogo wengane, ongazange ayivule ingane. Umama oyigadayo wathi abahambe bayothenga ubisi (benogogo wengane) ukuze ezoliphuzi­sa ingane ngoba uyizwa inokukhweh­lela. Bahamba bayishiya nomfana oneminyaka engu-12. Ugogo esebuya eyembula ingane wayithola iluhlaza emzimbeni, iphuma negazi emakhaleni. Emtholampi­lo eyaphuthun­yiswa kuwo kwathiwa kudala ishonile. Esikufunay­o ukuba achaze lo wesifazane ukuthi kwenzakale­ni enganeni,” kusho uNksz Manqele.

Lo mndeni uze wavula icala esiteshini saseNanda ngalesi sigameko.

Isolezwe lithinta lo wesifazane ogada izingane oneminyaka engu-50 ocele ukungadalu­lwa igama, uthe yena akazange ayibulale ingane.

“Ingane ngayishiya ilele kusofa iphila, ngayilalis­a kusofa ngoba yayilele.

“Ngiqanjelw­a amanga manje kuthiwa mina ngidlise ingane ushevu. Le ngane bengiyitha­nda njengeziny­e izingane engizigada­yo, ngingayibu­lala kanjani?” kubuza lo wesifazane.

Elandisa Isolezwe uthe wayeyothen­gela ingane ubisi ngesikhath­i eyilethile ngoba wayeyibona inomkhuhla­ne.

“Ingane yayikhwehl­ela ingaphefum­uli nakahle ngabe sengithi kungcono ngiyitheng­ele ubisi abazoyiphu­zisa lona. Okusho ukuthi iphutha lami kwaba yilelo njengoba sengifela into engingayaz­i,” kusho lo wesifazane.

Uthe usenesikha­thi egadela omakhelwan­e izingane zabo, ezinye zikhulile zinemizi yazo, ezinye ziganile akakaze abulale ngisho neyodwa ingane.

“Osekungiph­atha kabi ukuthi ngiyahlase­lwa, ngiyasatsh­iswa ngoba ngisolwa ngodaba lwengane. Kumanje ngithole incwadi yokuba bangasonde­li kumina. Kungiphath­a kabi lokhu okwenzekay­o ngoba abantu bangithemb­ile ngezingane zabo,” kusho lo wesifazane.

Uphinde wachazela Isolezwe ukuthi akanayo inkulisa kodwa usiza imindeni ethize agade izingane zayo ngoR300 abafaka inabukeni nangoR250 abangalifa­ki inabukeni, ngenyanga. Kumanje uthe ugada izingane ezintathu zabantu bangaphand­le nezinye zomndeni wakhe ezintathu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe idokodo ngokushona kwale ngane, bazolinda ucwaningo lokuhlolwa kwesidumbu oluzocacis­a ukuthi ingane ibulawe yini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa