Uyamukele imali yezinhlelo zokulwa nesomiso
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Zweli Mkhize, uthi uyayamukela imali etshalwe nguzakwabo wezimali uMnuz Tito Mboweni yokusiza ngezinhlelo zokunqanda isomiso.
UMboweni umemezele ukuthi uzotshala u-R3.2 billion ozobhekana nezinhlelo zokulwa nesomiso ngesikhathi ethula isabelo sezimali samaphakathi nonyaka lapho ekhulume khona nangemali yokusiza ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula.
IKwaZulu-Natal neWestern Cape ike yahlaselwa yizikhukhula kwadaleka umonakalo wezigidi.
“U-R1.6 billion uzosiza kumonakalo odalwe yizikhukhula nemililo. U-R3.2 billion uzosiza ezinkingeni ezidalwa yisomiso nokushoda kwamanzi,” kusho uMkhize. Uthe le mali izosiza izifundazwe ezehlukene okubalwa i-Eastern Cape neKZN. Khona manjalo uMboweni uzotshala u-R94.2 billion emfundweni ephakeme ukuze kuhlangatshezwane nemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme eyamenyezelwa ngowayenguMengameli uMnuz Jacob Zuma. UZuma wamemezela ukuthi kusuka kulo nyaka izitshudeni ezenza unyaka wokuqala zizofunda mahhala ngeke zisayiboleka imali esikhwameni iNational Students Financial Aid Scheme. Ngonyaka ozayo le mfundo izonabela kwizitshudeni ezenza unyaka wesibili. Eminyakeni ezayo imfundo yamahhala izokwabelwa uR110 billion kunyakamali wango-2019/2020 kuthi ngo-2020/2021 ibenguR119.4 billion. INSFAS iqoqa imali eyikweletwayo ebalelwa ku-R35 billion. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.