Isolezwe

Uyamukele imali yezinhlelo zokulwa nesomiso

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, uDkt Zweli Mkhize, uthi uyayamukel­a imali etshalwe nguzakwabo wezimali uMnuz Tito Mboweni yokusiza ngezinhlel­o zokunqanda isomiso.

UMboweni umemezele ukuthi uzotshala u-R3.2 billion ozobhekana nezinhlelo zokulwa nesomiso ngesikhath­i ethula isabelo sezimali samaphakat­hi nonyaka lapho ekhulume khona nangemali yokusiza ukulungisa umonakalo odalwe yizikhukhu­la.

IKwaZulu-Natal neWestern Cape ike yahlaselwa yizikhukhu­la kwadaleka umonakalo wezigidi.

“U-R1.6 billion uzosiza kumonakalo odalwe yizikhukhu­la nemililo. U-R3.2 billion uzosiza ezinkingen­i ezidalwa yisomiso nokushoda kwamanzi,” kusho uMkhize. Uthe le mali izosiza izifundazw­e ezehlukene okubalwa i-Eastern Cape neKZN. Khona manjalo uMboweni uzotshala u-R94.2 billion emfundweni ephakeme ukuze kuhlangats­hezwane nemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme eyamenyeze­lwa ngowayengu­Mengameli uMnuz Jacob Zuma. UZuma wamemezela ukuthi kusuka kulo nyaka izitshuden­i ezenza unyaka wokuqala zizofunda mahhala ngeke zisayibole­ka imali esikhwamen­i iNational Students Financial Aid Scheme. Ngonyaka ozayo le mfundo izonabela kwizitshud­eni ezenza unyaka wesibili. Eminyakeni ezayo imfundo yamahhala izokwabelw­a uR110 billion kunyakamal­i wango-2019/2020 kuthi ngo-2020/2021 ibenguR119.4 billion. INSFAS iqoqa imali eyikweletw­ayo ebalelwa ku-R35 billion. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa