Ikhishwe ngesidlozana indoda enkonzweni
IKHISHWE ngesidlozana indoda ebisolwa ngokudunga inkonzo yesikhumbuzo samakhansela e-ANC amabili ashonile ebiseCity Hall ,eThekwini izolo. Ikhansela likaward 88 eMlaza uMnuz Sbusiso Maphumulo uthelwe othulini ngenhlamvu ngeledlule ephuma emhlanganweni.
Ikhansela laseHammersdale uMnuz Nkosiphendule Dlamini yena kumenele emuva kokugula isikhashana.
Le ndoda exoshiwe kule nkonzo ibihilizisana nomunye wesifazane obeseqoqweni ebelicula ezomzabalazo ngesikhathi inkonzo ingakaqali nezikhulu zingakangeni.
Akuqondakali ukuthi lezi zethameli bezibangani kodwa bezikhombana emehlweni owesilisa waze wabanjwa esegadla. Kuze kwangenelela abebeqaphe ukuthula beyaluza phakathi kwezihlalo. Bagxavune le ndoda ezinhlangothini baphuma nayo beshesha bayikhiphela ngaphandle babuya bodwa.
Owesifazane usalile njengoba izihlwele bezizwelana naye zithi akukhishwe indoda enodlame.
Le nkonzo iphinde yaba nenkinga yobuhixihixi bomsindo wombhobho obungezwakali. USomlomo weTheku uMnuz William Mapena uze wehla esteji ehhahhamezwa yizethameli zithi azizwa. Kuphoqeleke ukuthi ayoncenga abomsindo ukuthi bawulingise kwagcina kulungile. Amanye amakhansela ezinye izinhlangano abhonge emswanini athi alahlekelwe wonke.
UMnu Thabani Ngubane we- APC uthe kufanele osopolitiki bakuqonde ukuthi ipolitiki akuyona eyokuzicebisa kodwa eyokukhulula abantu encindezelweni. Le nkonzo ibihanjelwe imindeni yomibili ihleli phambili kubonakala ukuthi yisikhathi esinzima kuyona. Lawa makhansela azofihlwa kule mpelasonto.
UDlamini uzongcwatshwa kusasa inkonzo izoba senkundleni yezemidlalo iMpumalanga, eHammarsdale.
UMaphumulo ngeSonto, inkonzo yomngcwabo izoba seKing Zwelithini eMlaza.