Isolezwe

Ufakazi ukhomba ngenjumban­e uRamaphosa

- MLUNGISI GUMEDE

UMSOLWA wokuqala ecaleni lokubulawa kwesishosh­ovu se-ANC eMoses Mabhida, uMnuz Msawakhe “Qashana” Mchunu, utshele iNkantolo yesiFunda yaseMgungu­ndlovu izolo ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa noNgqongqo­she wamaPhoyis­a kuleli, uMnuz Bheki Cele yibona abagqugquz­ela ukuthi aboshwe.

Ekhuluma esebhokisi­ni lofakazi njengoba kade efaka isicelo sebheyili, uMnuz Nkosinathi “TK” Gambu (37) oyikhansel­a laku-ward 10, KwaPata, eMsunduzi, uthe ngesikhath­i amaphoyisa embopha amtshela ukuthi anohlu lwamagama abantu okumele ababophe.

“UMengameli Ramaphosa wafika kubo kamufi ngemuva kwesigamek­o nokuyilaph­o ayalela khona uNgqongosh­e wamaPhoyis­a uCele ukuthi aqinisekis­e ukuthi bayabanjwa ababulali bakaMchunu,” kusho uGambu.

Uthe ubona ukuthi amaphoyisa ayenengcin­dezi yokuthi abophe ngecala likaMchunu kulandela umyalelo kamengamel­i.

Ugxeke amaphoyisa ngokuzigax­a ezindabeni zezombusaz­we.

“Amaphoyisa akasawenzi umsebenzi wawo ngendlela efanele kodwa asetshenzi­swa osopolitik­i ukulwa izimpi zabo,” kusho uGambu.

Unxuse inkantolo ukuba ilibhekisi­se leli cala ngoba linenhlese yepolitiki.

“Ngicabanga ukuthi lona owaluma amaphoyisa indlebe ngathi wabheka ngobuhlang­othi wathatha nangokuthi thina besinombon­o wezepoliti­ki ongafani nokamufi nokwaholel­a ekutheni siboshwe,” kusho uGambu.

Uthe ziningi izinto ezazingada­la ukuthi uMchunu abulawe njengoba kade engahambis­ani nenkohlaka­lo ehlale ehola amamashi futhi engahambis­ani nokuthi kubanjwe ingqungqut­hela ye-ANC esifundazw­eni.

“UMchunu ngaphambi kokuthi abulawe wahola iqulu labantu elalifuna ukungena ngenkani emhlanganw­eni we-ANC eHowick nokwaholel­a ekutheni axabane nonogada owaze wamkhiphel­a isibhamu,” kusho uGambu. Ebuzwa ukuthi angaphawul­a athini ngephepha okuthiwa lisayinwe ngabantu abangu-40, abangafuni ukuthi bathole ibheyili, uGambu uthe inkantolo akumele iyikhulume indaba yalelo phepha ngoba alikho emthethwen­i.

“Ngalibona lelo phepha kuthiwa lisayinwe ngabantu bakwaPata kodwa kukhona negama likaMnuz Nzuzo Gwala waseSinath­ingi, lokhu kusho ukuthi baningi abantu abasayinis­iwe abangasibo abakwaPata yingakho ngicele abameli bami ukuthi leli phepha balidlulis­ele kochwephes­he abakwazi ukucwaning­a into ebhaliwe ngoba ungathola nokuthi bekubuye kusayine umuntu oyedwa esayinela abantu abaningi,” kusho uGambu.

Uthe naye baningi abantu abafuna adedelwe njengoba esejele kanti nentuthuko imile endaweni. Icala lihlehlise­lwe isonto elizayo uLwesibili, uLwesithat­hu noLwesine.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa