Isolezwe

Kuhlaselwe ikhansela kwashiswa nomuzi walo lilele nezingane

- MHLENGI SHANGASE

KUPHENYWA icala lokushisa umuzi wekhansela laseMazabe­kweni ngaphansi kukaMasipa­la waseBuhleb­ezwe elihlaselw­e lilele nezingane zalo ezimbili ngoLwesith­athu ebusuku.

UNksz Nancy Jili oyikhansel­a ku-ward 12 uhlaselwe ngabantu abangaziwa abashise umuzi wakhe okukholaka ukuthi baphonse ibhomu likaphethr­oli kuwo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele, uthe uNksz Jili ubelele nezingane ngabo-9 ebusuku ngesikhath­i ezwa umsindo.

Uthe uvukile wathola ukuthi indlu iyasha waphuma ngewindi nezingane. “Kushe yonke into ebiphakath­i, akukaziwa imbangela yokushiswa kwalo muzi amaphoyisa ayaphenya. Kuphenywa icala lokushisa emaphoyise­ni aseXobho,” kusho uCol Mbele.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu esifundazw­eni uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxuse amaphoyisa ukuthi aqinise ezokupheph­a emakhansel­eni ahlalele engozini.

Uthe kumele bathathelw­e izinyathel­o ezinqala abenza lokhu ngoba kubeka izimpilo zamalungu omndeni wekhansela engozini.

“Akukhona okokuqala ehlaselwa njengoba phambilni kukhona abadubula bebhekise kwakhe babaleka. Sikhathaze­kile ngalezi zehlakalo ezenzeka kumakhanse­la esifundazw­eni alokhu esatshiswa,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Unxuse abangaba nolwazi ukuthi basize ukuze babanjwe abenze lokhu.

“Sithumele ithimba ukuthi liye eBuhlebezw­e liyohlola umonakalo sibheke nezindlela esingazisa ngayo umndeni kaNksz Jili.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USHE waphela umuzi wekhansela laseBuhleb­ezwe eliphume ngewindi nezingane ngoLwesith­athu ebusuku
Isithombe: SITHUNYELW­E USHE waphela umuzi wekhansela laseBuhleb­ezwe eliphume ngewindi nezingane ngoLwesith­athu ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa