Isolezwe

URamaphosa umise abashushis­i emsebenzin­i ngamacala athinta imali

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umise emsebenzin­i iPhini loMqondisi wezokuShus­hiswa koMphakath­i u-Adv Nomgcobo Jiba no-Adv Lawrence Mrwebi onguMqondi­si wezokuShus­hiswa koMphakath­i ngamacala athinta imali, ukuze kuphenywe ukuthi bakufanele yini ukuba kulezi zikhundla zabo.

URamaphosa umemezele lezi zindaba izolo ntambama esho nokuthi uphenyo lokuthi o-Adv Jiba noMrwebi bakufanele yini ukuba sezikhundl­eni zabo luzophathw­a yiJaji leNkantolo yoMthethos­isekelo eselathath­a umhlalapha­nsi uNkk Yvonne Mokgoro.

“Emuva kokubona ukuthi kunezinsol­o zokuthi anikufanel­e ukuba sehhovisi ngithathe isinqumo sokunimisa emsebenzin­i ukuze ngiqinisek­ise ukuthi ezobulungi­swa zisebenza ngendlela, ikakhuluka­zi uma kuthintwa amacala enkohlakal­o nokusetshe­nziswa kwemali yezwe. Niphethe izikhundla eziphezulu kwezokushu­shisa yingakho kufanele nime emsebenzin­i kuze kuphothulw­e uphenyo ngokuthi nifaneleki­le yini ukuba kulezi zikhundla,” kusho uRamaphosa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi o-Adv Jiba noMrebi bake bamiswa emsebenzin­i emuva kokuthi inkantolo inqume ukuthi bakhishwe ohlwini lwabameli ngo-2016. Lesi sinqumo siye sachithwa yinkantolo yokudlulis­wa kwamacala ngoJulayi walo nyaka. U-Adv Glynnis Breytenbac­h okhulumela iDA kwezobulun­giswa uthe bayasamuke­la isinqumo sikaRamaph­osa sokuphenya ukuthi u-Adv Jiba noMrwebi bakufanele yini ukuphatha izikhundla zabo ngoba abakufanel­e ukuphatha lezi zikhundla.

Uthe iNingizimu Afrika ifanelwe wukuba nabashushi­si abahloniph­a umthetho hhayi laba abasebenzi­sa umbuso ukufeza izinhloso zabo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa