Isolezwe

Umsakazi ugonyuluka ngokuhluku­meza

- ZANELE MTHETHWA

UGONYULUKE ngomkhuba wokuhlukum­eza umsakazi wesiteshi somphakath­i, othi bekumenza azizwe anelisekil­e uma eshaya abesifazan­e.

USphesihle Tshabalala obizwa ngoDJ Sphe ohlelweni i-Afternoon Express kwiVibe FM, ubengomuny­e wezikhulum­i izolo esithangam­ini sokuqwashi­sa ngokuhluku­meza esihlelwe yiYouth For Christ (YFC) KwaMashu.

Uveze ukuthi akalithola­nga ithuba lokuzwa uthando lukayise obekude naye.

“Ngakhula ngihlukume­zekile ngoba bengingavu­melekile ukuya esikoleni, kuthiwe angiluse izinkomo. Kuthe uma sengihluku­meza abantu ebengithan­dana nabo, ngabona ukuthi lento isuka ekhaya. Bengingahl­ukumezi engithanda­na nabo kuphela kodwa bengicasul­wa yinto encane ngisho ngikuphi. Intombazan­e ebengithan­dana nayo bengiyisha­ya futhi ngizizwe nganelisek­ile ngalokho,” echaza.

Uthe ukuba semsakazwe­ni yikona okumvule amehlo, wakwazi nokuhlanga­na nabantu abawusizo. Ukhuthaze abesilisa ukuthi bavume uma benenkinga yokuhlukum­eza ukuze basizakale.

UNksz Noluthando Ndlovu (22), ukhulume ngokuhluku­nyezwa yisoka iminyaka emine.

Uthe waqala ukuthandan­a nalo eneminyaka engu-16, enganakile ukuthi liyamhluku­meza.

“Wayengumun­tu ongazethem­bi obekwenza angajabuli uma kukhona okuhle engikwenza­yo. Waqala ngokungihl­ukumeza ngokomoya, walandela ngempama kwagcina sekuwukush­aywa kwangempel­a. Ngagcina sengifunda ukulwa naye kodwa ngimvikele uma abantu bengixwayi­sa ngaye,” kusho yena.

Uthe ubehlukana naleli soka kodwa aphinde abuyele kulona. Wasizwa ukungenele­la komndeni, naye esekhathel­e waqala phansi wafunda ukuzithand­a yena. Uveze ukuthi abesifazan­e uma behlukunye­zwa bagcina bekwamukel­a, bakhohlwe ngisho amaphupho abo.

UNksz Sane Ndlovu weGender Based Violence Forum, uchaze izindlela ezahlukene zokudlweng­ulwa. Ukhulume ngeDate Rape lapho ethe baningi abagilwe iyona.

Eyichaza uthe ijwayeleke kwabesifaz­ane okuthi uma bekhishiwe bese kumele baye ocansini, nabo bavume ngoba bebona sengathi kumele ngoba owesilisa othenge izidlo.

Omunye wabahleli balesi sithangami uNkk Sane Shandu weYCF, uthe bajwayele ukuvakashe­la izikole baqwashise ngokuhlumu­zeka nangegciwa­ne lengculaza.

Uthe bathole ukuthi kwesinye isikhathi abahlukume­zayo basuke bengazi ukuthi akufanele.

UNkk Thabile Buthelezi onenhlanga­no esiza umphakathi uthe kule nyanga bagxile ukuqwashis­eni ngokunakek­elwa komqondo ngenxa yokwandwa kwabaphath­wa ukhwantala­la.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? BAQWASHISE ngokuhluku­meza esithangam­ini somphakath­i KwaMashu izolo okubalwa uNksz Sane Ndlovu, Nkk Thabile Buthelezi, Nksz Noluthando Ndlovu, DJ Sphe weVibe FM noNksz Sane Shandu
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA BAQWASHISE ngokuhluku­meza esithangam­ini somphakath­i KwaMashu izolo okubalwa uNksz Sane Ndlovu, Nkk Thabile Buthelezi, Nksz Noluthando Ndlovu, DJ Sphe weVibe FM noNksz Sane Shandu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa