Isolezwe

Bathini ngolokunci­shiswa kwekhabhin­ethi?

- MHLENGI SHANGASE

ABAHLAZIYI bezepoliti­ki bathi ukuncishis­wa kwekhabhin­ethi ngezinye zezinto ezingenza ukuthi kwehle imali esetshenzi­swa ukukhokhel­a amaholo.

USolwazi Bheki Mngomezulu, osophikwen­i lwezifundo zepolitiki enyuvesi yaseWester­n Cape uthe kodwa ngaphambi kokuncishi­swa kwekhabhin­ethi kumele kubuzwe ukuthi sifike kanjani kulesi simo esikusona.

Uthe iminyango eminingi yakhiwa ngemuva kokubonaka­la kwesidingo sayo.

“Uma ubheka uMnyango wezokuThut­hukiswa kwamaBhizi­nisi aMancane oholwa nguNksz Lindiwe Zulu wakhiwa ngemuva kokubonaka­la kwesidingo sokuthi ngeke kufukulwe umnotho bengekho osomabhizi­nisi abancane. Kwaba nesiphakam­iso sabhungwa ePhalanend­e kwavotwa ngaphambi kokuba kwakhiwe lo mnyango neminye. Akubanga isinqumo sowayenguM­engameli ukuthi kube nale minyango,” kusho uMngomezul­u.

Uthe kungamele kube nezingxoxo bese kuba nesiphakam­iso sifakwe bese kuvotwe uma sekumele sincishisw­e isibalo sekhabhine­thi.

Omunye umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo, uthe ukuncishis­wa kungasiza kongeke imali echithwa nguhulumen­i ukukhokhel­a abasebenzi.

Uthe ikhona iminyango engahlanga­niswa okubalwa owezamabhi­zinisi uhlanganis­we nowezomnot­ho nohwebo.

“Ikhona eminye engasebenz­a ngaphandle kwamaphini ongqongqos­he ngoba awadingeki. Kumele umengameli ayibheke le ngaphambi kokuba aye kodiliza abasebenz.”

Abahlaziyi basho lokhu nje uNgqongqos­he wezimali uMnuz Tito Mboweni, ukhalile ngekhabhin­ethi wathi inkulu kakhulu isidingo singekho.

Uthe okungenani kumele kube nabantu abangu-25 kuya phansi ngoba okwamanje baningi kakhulu njengoba bebalelwa ku-70 kubalwa namaphini ongqongqos­he.

UMengameli Cyril Ramaphosa wathi bayayibhek­a eyokuthi kwehliswe ikhabhinet­hi. UMngomezul­u uthe inkinga ngoRamapho­sa ngukuthi ufuna ukwanelisa wonke umuntu okhalayo.

URamaphosa wathi uma kwenzeka lokhu kungenzeka ngemuva kokhetho lwangonyak­a ozayo.

UMboweni uthe iChina inomnotho osimeme kodwa ikhabhinet­hi yayo incane kakhulu kuneyakule­li.

UMngomezul­u uthe njengoba kuyiwa okhethweni akukho siqiniseki­so sokuthi i-ANC ingabuyela ibe iyona ehola izwe ngemuva kwalolu khetho. Uthe kungenzeka noma yini wathi kungaba khona nohulumeni wokubambis­ana kwamaqembu bese kushintsha yonke into.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UNGQONGQOS­HE weziMali uMnuz Tito Mboweni okhale ngekhabhin­ethi enkulu yakuleli
Isithombe: GCIS UNGQONGQOS­HE weziMali uMnuz Tito Mboweni okhale ngekhabhin­ethi enkulu yakuleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa