Isolezwe

Umshushisi uthi uyabanjeze­lwa kwelomfund­isi Tim Omotoso

- ZANELE MTHETHWA

UMSHUSHISI obephikisa­na nesicelo sommangale­lwa sokuthi kufunwe elinye ijaji ecaleni abhekene kulo namacala okudlwengu­la uthi uyabanjeze­lwa.

UMshushisi Nceba Ntelwa ubephawula ngezethulo zoMfundisi Timothy Omotoso namangalel­we nabo eNkantolo eNkulu ePort Elizabeth.

Ummeli ka-Omotoso, uMnuz Peter Daubermann, ufake isicelo sokuthi kushintshw­e iJaji Mandela Makaula amsola ngokuthi ucheme nofakazi. Izolo uDauberman­n ubengekho enkantolo kodwa ucele u-Advocate Terry Price, athe ungaphezu kwakhe kwezomthet­ho, ukuthi kube nguye ofaka isicelo.

UMakaula ubeke izethulo zokuthi kungani kumele aqhubeke nokwengame­la ukuqulwa kwecala phezu kokuba esolwa ngokuchema. Ukuchema kwejaji kususelwa ekutheni lafisela ukubhala okuhle uNksz Cheryl Zondi (22) ummangali obe ngowokuqal­a ukuthula ubufakazi.

UNtelwa uthe u-Omotoso nabamangal­elwa bahlulekil­e ukuveza ubufakazi bokuchema kwejaji. Uthe ubona isicelo kuyindlela yabamangal­elwa yokubambez­ela icala.

Liziphendu­lela ijaji lithe akulona iqiniso ukuthi selivele likholelwa ebufakazin­i bukaNksz Zondi.

“UNksz Zondi usazoqhube­ka nobufakazi. Kusekusha ukuthi sengingath­atha isinqumo ukuthi ubufakazi bakhe buyiqiniso. Kusamele kuvele abanye ofakazi engingazi ukuthi bazothini. Angikakakw­azi nokuqhatha­nisa ubufakazi bukaNksz Zondi nobabamang­alelwa, okuyiphuth­a wukuthi sengivele ngicheme nobufakazi bakhe,” kusho uMakaula.

Ngokwezeth­ulo ezibhalwe encwadini efungelwe ka-Omotoso, uthe ukholwa wukuthi ukushushis­wa kwakhe kuzoba nogcobho uma kuqhubeka uMakaula. Usola ijaji ngokuthi selivele limtheswe umnqamulez­o wokuthi uwenzile amacala abekwe wona.

U-Omotoso ufuna ukuthi isicelo sokuhoxa kwejaji siyiswe eNkantolo eNkulu yokuDlulis­a amacala ukuze bathole ukushishwa okungachem­ile.

UPrice uthe icala linzima hhayi kubameli nje kuphela kodwa ngisho kulo ijaji. Uthe kumele livume ukuthi lishenxe ukuze icala liqulwe kahle. UPrice uchaze ngombuzo kaDauberma­nn ocasule abaningi, abewubheki­se kuNksz Zondi.

UDauberman­n wabuza ngobude bobuntu buka-Omotoso. UPrice uthe umbuzo wawubalule­kile ngoba uNksz Zondi ubhale izitatimen­de ezimbili ezishayisa­nayo. Icala lihlehlise­lwe uLwesibili oluzayo ilanga okulindeke ngalo ukuthi kukhishwe isinqumo ngesicelo sika-Omotoso.

Izolo enkantolo bekukhona noMnuz Bongani Mkongi oyiPhini likaNgqong­qoshe wamaPhoyis­a. Bebekhona nababhikis­hi ngaphandle nabalandel­i bakaOmotos­o.

 ?? Isithombe:TWITTER ?? IJAJI Mandela Makaula elisolwa ngokuchema nofakazi ecaleni loMfundisi Timothy Omotoso
Isithombe:TWITTER IJAJI Mandela Makaula elisolwa ngokuchema nofakazi ecaleni loMfundisi Timothy Omotoso
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa