Imeya ibizelwe ekomitini elikhulu le-IFP
IMEYA kaMasipala waseZululand ibizelwe ekomitini elikhulu le-IFP elijuba abaholi ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni ukuba izochaza ngezinsolo zenkohlakalo esolwa ngazo.
UMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthunyelelwe incwadi uSihlalo wePolitical Oversite Committee, Inkosi uRussel Cebekhulu kuleli sonto ukuba azobhekana naleli komiti namhlanje. Le ncwadi ithi kufanele kumiswe nokuqokwa kwemenenja entsha kamasipala kuze kube uMeya nomkhandlu wakhe bavela kuleli komiti.
UButhelezi kuthe ngesonto eledlule wathola incwadi ebibhalelwe uSomlomo, uMnuz Sbu Nkwanyana ebivela kuNgqongqoshe uNomusa Dube-Ncube mayelana nezinsolo zokuba yingxenye yomhlangano wethenda yamanzi obungoEphreli nonyaka.
Le ncwadi ibiphakamisa ukuba aphenywe.
Uphinde asolwe amakhansela eqembu lakhe nawezinhlangano eziphikisayo ngokufuna ukuqhubeka ngenkani ukuba aqashe imenenja yize uMnuz Sipho Nkosi osamisiwe udaba lwakhe lusasenkantolo.
Kukhalwa nangokuthi kuleli sonto uvele waxosha esinye izikhulu eminyangweni ebeziyiphethe ngaphandle kokulandela imigudu.
UButhelezi ethintwa uthe akazikhulumi izindaba zeqembu namaphepha.
“Angiboni ukuthi uma iPOC ifisa ukuxhumana nezimeya zeqembu, ithinta Isolezwe. Ngakho angikwazi ukukhuluma ngezinto zeqembu kwabezindaba,” kusho UButhelezi.
Ubuye wacacisa nodaba asolwa ngalo oluthinta imenenja kamasipala.
“Umkhandlu wathatha isinqumo sokukhangisa isikhundla semenenja ngoSepthemba 6. Lolo hlelo lokuqashwa kwemenenja omusha alukaphothulwa, uCogta akangeni ekuqashweni kwezimenenja zomasipala. UNgqongqoshe uyabikelwa uma sekuphothulwe uhlelo lokuqasha ngokwesigaba 54A seMunicipal System Act,” kusho uButhelezi.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe iPOC izohlangana nemeya njengengxenye yohlelo lokuhlola ukusebenza komasipala abazibophezela ngakho ngo-2016.