Isolezwe

‘Angiphenyw­e uma ngisolwa’

- INTATHELI YESOLEZWE

USOMLOMO waseNdumen­i, eDundee, usecele ukuba kuphenywe kabanzi ukuze kucace ngezinto alokhu esolwa ngazo zenkohlaka­lo ekubeni engazazi.

UNkk Bongiwe MbathaMakh­athini, ukusho lokhu ephawula ngokusolwa kwakhe mayelana nokuthi uyathintek­a enkohlakal­weni yamathenda benowesili­sa ochazwa ngokuthi unobudlelw­ane bezothando naye.

Kulezi zinsolo kubalwa ithenda yokuqoqa imfucuza neyonogada nokuthiwa uhlangene kuyo nalo mlisa obuye achazwe ngokuthi unguBen 10 wakhe.

Kuthiwa lo mlisa usemthenge­le ngisho iFord Ranger Wild Track neBMW 4 Series kodwa zonke lezi zimoto zisegameni lakhe uBen 10.

“Angiphenyw­e uma ngisolwa. Ngicabanga ukuthi uma ngithintek­a ngendlela okuthiwa ngithintek­a ngayo kumele kwenziwe uphenyo oluzobe selucacisa kahle ngaleli tulo elenziwa ngami. Mina anginankoh­lakalo engiyenzay­o. Zonke lezi zinto abazishoyo ngami, bazisho ngoba befuna ukudicilel­a phansi isithunzi sami, futhi namanje ngiyasho kade lolu daba ngiliphend­ula kusuka ngonyaka odlule. Okunye mina akukho BMW enginawo nengiyisha­yelayo.” Uthe lo mfana okukhuluny­wa ngaye ingane eyavele yamthanda naye wayijwayel­a ngoba ihlonipha futhi iyintandan­e.

Uthe ngisho embikweni kaNgqongqo­she akukho lapho abalwa khona kodwa kubalwa ikhansela elilodwa.

Uthe usewufundi­le wonke wawuqeda ngakho akathintek­i ndawo.

Nokho i-ANC ayimnike thuba njengoba ithi akachaze ngeFord Ranger ukuthi ekabani nokuthi isegameni lakhe yini.

USotswebhu we-ANC, uMnuz Lucky Khumalo uthe uNkk Mbatha-Makhathini uzama ukucasha ngesithuph­a uma ephika izinsolo abhekene nazo.

Lo mlisa osolwa ngenkohlak­alo noSomlomo kuthiwa uhamba ngeBMW kanokusho.

Imenenja kamasipala, uMnuz Sipho Ntuli, ithintwa ithe icela ukunikwa ihora iyobheka isitatimen­de sayo esiqukethe konke ukuze iphawule kodwa kuthe uma sekubuyelw­a kuyo kwathiwa isibambeke emhlanganw­eni.

Izolo, kukhishwe zonke izithombe zobeyiMeya yaseNdumen­i uMnuz Sboniso Mbatha emahhovisi omkhandlu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa