Isolezwe

Kunxuswa umphakathi wonge amanzi

- MHLENGI SHANGASE

INKAMPANI ehlinzeka imikhandlu ngamanzi Umgeni Water isinxuse umphakathi ikakhulu eThekwini ukuthi uqhubeke nokucophel­ela uma usebenzisa amanzi.

UMnuz Thami Hlongwa, isikhulu esiphezulu sale nkampani engaphansi kukahulume­ni, uthe uma ngase kube nesomiso kungaba nenkinga ngoba isidingo samanzi siphezulu siyahambis­ana namanzi abavele bewahlinze­ka kuyimanje.

“Abantu abaqhubeke basebenzis­e amanzi ngendlela bawonge. Sikhulu isidingo sokuhlinze­ka ngamanzi sisahambis­ana nalokhu esikuhlinz­ekayo kodwa uma ngase kube nesomiso singaba nenkinga encane,” kusho uHlongwa.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma nezintathe­li eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre eThekwini lapho ebechaza khona ngombiko otholwe yile nkampani wokusebenz­a kwezimali.

Uthe kuleli akufani namanye amazwe lapho imvula ina umlibe wathi kuleli ina ngezikhath­i ezithile.

UHlongwa uthe kuke kwaba nezingxoxo zokuthi uma ngase bahlinzeke isifundazw­e sonke ngamanzi kungadla malini.

“Kungadla uR110 billion ukuhlinzek­a isifundazw­e sonke ngamanzi. Uma sihlinzeka ngamanzi sibuka iminyaka engu-30 ezayo ukuze angapheli,” kusho uHlongwa.

Uthe kuba nzima ukuhlelela izindawo ezisemakha­ya ngoba uma kuke kwangena amanzi, abantu bayaqala bakhe bese siba sikhulu isidingo samanzi kanti kulula ukuhlelela indaba yamanzi ezindaweni ezingamado­lobha.

UNksz Ziphozethu Mathenjwa, usihlalo webhodi lale nkampani, uthe benze kahle kakhulu onyakeni wezimali u-2017/2018 njengoba bethole umbiko omuhle wezimali kumcwaning­i mabhuku jikelele.

Uthe benze inzuzo kaR1.2 billion wathi bazoqhubek­a basebenze ngokuzikha­ndla njengoba befuna ukunyusa inzalo abayenzayo.

“Omasipala bayasikhok­hela abekho abasikwele­tayo. Sizohlinze­ka abantu abangaphez­ulu kuka-7 million ngamanzi ngemuva kokusayina isivumelwa­no noMasipala wasoThukel­a ukuthi siwuhlinze­ke ngamanzi,” kusho uNksz Mathenjwa.

Uthe kuke kwaba nabazibiza ngamasosha omkhonto nabanye abaqhamuka ezinhlanga­nweni zosomabhiz­inisi abebefuna umsebenzi ngenkani.

“Sihlala nabo phansi sizwe izikhalo zabo sifune izinto ezithile ukuze basizakale. Abanye sithola ukuthi abanazo izitifiket­i ze-BEE okuyizinto ezidingeka­yo uma ufuna umsebenzi,” kusho uNksz Mathenjwa.

UHlongwa uthe ngeke baqashe abantu abangenazo izimfanelo.

UNksz Mathenjwa uthe kunozinzo kule nkampani wathi maduze kuzoqokwa ibhodi elisha njengoba beyibhodi lesikhasha­na.

UMgeni uhlinzeka amanzi uMasipala weTheku, oweLembe, Ugu, Harry Gwala, uMgungundl­ovu noMsunduzi. UHlongwa uthe amanzi asashibhil­e ngoba bahlinzeka amanzi amaningi ngemali encane. UHlongwa uphethe ngokuthi ziningi izinhlelo zengqalasi­zinda yokwandisa amanzi abazenzayo okubalwa ukuthuthuk­iswa kweDarvill Wastewater Treatment Works, eyaseMidma­r nezinye.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa