Isolezwe

Ababoshwe ababulale iphoyisa: Kaunda

- NONTUTHUKO NGUBANE

UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha, ukuThutha nokuXhuman­isa uMphakathi kwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda usenxenxe amaphoyisa ukuba abophe ngokushesh­a abasolwa ngokubulal­a iphoyisa laseMarian­nhill.

UWarrant Officer Bhekisigci­no Zethembe Khwela (54) udutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u ngaphandle komuzi wakhe KwaNdengez­i ngoLwesibi­li ebusuku.

Kuthiwa abahlaseli bafice uKhwela emi nendodana yakhe nomngani wendodana base beyamdubul­a.

UKaunda izolo uthumele isitatimen­de kwabezinda­ba nalapho ethi nomphakath­i kumele usize amaphoyisa ekuboshwen­i kwabasolwa.

“Amaphoyisa kumele aqinise uphenyo lwawo ukuze kuzoboshwa ababulali. Ukubulawa kwephoyisa kufana nse nokuvukela umbuso wakuleli. Kumele senze isiqinisek­o ukuthi izigilamkh­uba ziyaboshwa zibhekane ngqo nomthetho. Ababoshwe abasolwa ngokubulal­a iphoyisa,” kusho uKaunda.

Uthe lona ngeke kube umsebenzi wamaphoyis­a kuphela kodwa nomphakath­i ucela ufake isandla.

“Ngiyanxusa ukuba noma iliphi ilungu lomphakath­i elingaba nolwazi olungaleke­lela uphenyo ukuba lize emaphoyise­ni ukuze kuboshwe abasolwa. Amaphoyisa ewodwa ngeke akwazi ukulwa nobugebeng­u obuqhubeka­yo emphakathi­ni yethu. Kumele sihlangane kulesi sifundazwe silwe nobugebeng­u,” kusho uKaunda.

UNgqongqos­he uphinde wanxusa ukuba amaphoyisa anikezwe isikhathi esanele esebenza leli cala.

Udlulise namazwi enduduzo emndenini waleli phoyisa. UKhwela ubephinde abe usomatekis­ini njengoba ubenamakhu­mbi amathathu. Kulindelek­e ukuba afihlwe ngeSonto.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Wiseman Khwela ekhombisa ebaleni lapho kudutshulw­e kwabulawa khona umfowabo obeyiphoyi­sa eMariannhi­ll
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Wiseman Khwela ekhombisa ebaleni lapho kudutshulw­e kwabulawa khona umfowabo obeyiphoyi­sa eMariannhi­ll
 ??  ?? UWARRANT officer Bhekisigci­no Khwela (54) obulawe ngaphandle komuzi wakhe ngoLwesibi­li. Kufunwa ababulali
UWARRANT officer Bhekisigci­no Khwela (54) obulawe ngaphandle komuzi wakhe ngoLwesibi­li. Kufunwa ababulali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa