Isolezwe

Sizosiza umphakathi isikhungo esivuliwe

- INTATHELI YESOLEZWE

KUPHELILE ukulibasha ngonyawo ibanga elide ukuze bathole amakhompyu­tha kubantu baseHamban­athi, oThongathi, emuva kokuthi uMasipala weTheku ubakhele isikhungo samakhompy­utha esinazo zonke izidingo.

Lesi sikhungo sivulwe ngokusemth­ethweni yiMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Sipho Nzuza ngoLwesith­athu. Uthe umasipala usemkhanka­sweni wokuqinise­kisa ukuthi iTheku liba yidolobha elihamba phambili kwezobuchw­epheshe. “Kule minyaka emibili edlule sivule izikhungo zamakhompy­utha ezimbili ngoba sifuna abantu bangene kwezobuchw­epheshe. Siyazi ukuthi umhlaba usesikhath­ini esigxile kakhulu kwezobuchw­epheshe esibizwa ngeFourth Industrial Revolution, yingakho sifuna abantu babe namakhompy­utha lapho behlala khona.”

Isikhungo esivulwe nguNzuza sinamakhom­pyutha awu-40, sizosiza umphakathi ukuthi ukwazi ukuzibhale­la amaCV uphinde ufune namathuba omsebenzi.

UNzuza ucele umphakathi ukuthi usinakekel­e lesi sikhungo ngoba uma amakhompyu­tha ebiwe noma ecekelwe phansi, umasipala ngeke akwazi ukuthenga amanye. “Umphakathi waseHamban­athi ngeke usahamba amabanga amade uma udinga amakhompyu­tha. Siyacela uwanakekel­e ngoba kunomkhuba omubi emiphakath­ini yethu yokucekela phansi impahla uma kunemibhik­isho yezidingo. Kubi lokhu ngoba umphakathi kufanele uvikele ingqalasiz­inda esiyakhiwe wuhulumeni ukuze akwazi ukuletha ezinye izidingo.”

Uthe sebakhe izikhungo zamakhompy­utha ePinetown, eThekwini ku-Old Fort Road futhi bazokwakha ezinye izikhungo eSiphingo, eMagabheni, KwaXimba, KwaDabeka, Inanda, Amatikwe, Vulamehlo, Mayville, Cato Ridge, Clermont, Intshanga, Cornubia naseMaphep­hetheni. Ukugcizele­le ukuthi abantu bazinakeke­le izikhungo zabo bangazidic­ileli phansi ngoba uhulumeni uzakhele ukuwusiza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa