Isolezwe

I-SARS ikhumbuza abantu ngentela

- BONISWA MOHALE

NJENGOBA uNgqongqos­he weziMali uMnuz Tito Mboweni ebethula isabelozim­ali samaphakat­hi nonyaka uveze ukuthi intela eqoqwayo ayanele ukuthi ifeze izidingo zezwe.

Uthe intela ezoqoqwa kulo nyaka izokwehla ngenxa yokuthi nomnotho awukhuli ngendlela eyamukelek­ile kwazise kulindelwe ukuthi ukhule ngo-0.7%.

Izolo, iSouth African Revenue Service (SARS) ikhumbuze abantu ukuthi bathumele imininingw­ane yabo ngentela kungakaphe­li inyanga.

Ukuqoqwa kwemininin­gwane yabantu kuvalwa ngoLwesibi­li oluzayo futhi iSARS igqugquzel­a abantu abahambisa imininingw­ane yabo emagatshen­i ukuthi bakwenze lokho kungakadlu­li u-Okthoba 31.

Bathe labo abasebenzi­sa uhlelo lokuqoqwa kwemininin­gwane yentela ngekhompyu­tha bazonikwa kuze kube wuJanuwari 19 ukuthi benze lokhu.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba bathe amahhovisi abo azovulwa ngoMgqibel­o kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube wu-1 emini futhi bazobe besiza abantu.

Abasebenzi­sa uhlelo lwe-eFiling bayakwazi ukuluseben­zisa nsukuzonke futhi aluvalwa.

Ngosuku bawu-25 000 abafaka imininingw­ane yabo yentela ngohlelo lwe-eFiling kanti lukwazi ukwamukela imininingw­ane yabantu abawu150 000 ngosuku.

Uma uhlulwe wukuthumel­a imininingw­ane yakho ngosuku onqunyelwe lona uhlawula phakathi kukaR200 kuya kuR15 000.

Eminye imininingw­ane itholakala ku-0800 00 7277.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa