I-SARS ikhumbuza abantu ngentela
NJENGOBA uNgqongqoshe weziMali uMnuz Tito Mboweni ebethula isabelozimali samaphakathi nonyaka uveze ukuthi intela eqoqwayo ayanele ukuthi ifeze izidingo zezwe.
Uthe intela ezoqoqwa kulo nyaka izokwehla ngenxa yokuthi nomnotho awukhuli ngendlela eyamukelekile kwazise kulindelwe ukuthi ukhule ngo-0.7%.
Izolo, iSouth African Revenue Service (SARS) ikhumbuze abantu ukuthi bathumele imininingwane yabo ngentela kungakapheli inyanga.
Ukuqoqwa kwemininingwane yabantu kuvalwa ngoLwesibili oluzayo futhi iSARS igqugquzela abantu abahambisa imininingwane yabo emagatsheni ukuthi bakwenze lokho kungakadluli u-Okthoba 31.
Bathe labo abasebenzisa uhlelo lokuqoqwa kwemininingwane yentela ngekhompyutha bazonikwa kuze kube wuJanuwari 19 ukuthi benze lokhu.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba bathe amahhovisi abo azovulwa ngoMgqibelo kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube wu-1 emini futhi bazobe besiza abantu.
Abasebenzisa uhlelo lwe-eFiling bayakwazi ukulusebenzisa nsukuzonke futhi aluvalwa.
Ngosuku bawu-25 000 abafaka imininingwane yabo yentela ngohlelo lwe-eFiling kanti lukwazi ukwamukela imininingwane yabantu abawu150 000 ngosuku.
Uma uhlulwe wukuthumela imininingwane yakho ngosuku onqunyelwe lona uhlawula phakathi kukaR200 kuya kuR15 000.
Eminye imininingwane itholakala ku-0800 00 7277.