Akugcine ngoHHP ukunganakwa kwabaculi besaphila
UKUDLULA emhlabeni kwengwazi ye-hip hop uJabulani Tsambo, obedume ngelikaHHP, kufanele ngabe kube yisifundo kunoma wubani. Uma kukhulunywa ngomculo we-hip hop yakuleli, alisoze lingabalwa igama likaHip Hop Pantsula.
Lapha sikhuluma ngengwazi eyazabalaza kanzima ukubeka lo mculo ezingeni osukulo manje. Ekupheleni kweminyaka ka-1990, uHHP waqhamuka nengoma eyashisa izikhotha eyayithi Do You Feel Alright. Yile ngoma eyakhombisa abanye omrepha ukuthi ungarepha ngolimi lwakho futhi usebenzinse isigqi sakuleli, ingoma iqhubeke ibe mnandi.
Nakuba kunjalo lo mculi akazuzanga lutho ngezithukuthuku zakhe kodwa kuhlafuna abanye, abangomafikizolo kule ndima. Lo mculi uze washona ekhala ngokungahlonishwa ngabanye omrepha abamfice kule ndima futhi ekhala nangokungaqashwa emicimbini.
Yikho okudale ukuba uHHP abe nokhwantalala olumenze wacishe wazibulala amahlandla amathathu.
Kungani bengakhombisanga uthando esaphila ngoba uzivezile izimpawu zokuthi akuhambi kahle empilweni yakhe? Kukhona lapho aze acaphuna khona ivesi elisencwadini NgokukaLuka 6: 27-30, waze wathi useyafuna kungenele uNkulunkulu empilweni yakhe.
Lo mculi wajabulisa okwengane encane iphiwa amaswidi, ngesikhathi etshelwa ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe yeshumi futhi okungeyokugcina, esihloko sithi Drum ngoJuni 16. Kodwa akuhambanga njengezifiso zakhe ngoba kuze kwaphela noSepthemba ingabonwa nangokhalo leCD.
Kuze kwathi ngesonto eledlule kwaphuma i-EP esihloko esithi Feels Good To Be Back. Nalokho akumphathanga kahle ukuzabalaza ukukhipha i-albhamu.
Laba asebekhala kangaka babekuphi lo mculi ebadinga? Lo hulumeni osezwelana kangaka naye bewukuphi? Kungani amaqhawe akithi siwakhumbule noma siwakhonze ngoba engasekho? Ngiyazi nemisakazo seyiqalile ukudlala izingoma zikaHHP sengathi ziphume izolo noma namhlanje kanti kade zaba khona, zingadlalwa. Lo mculi akabe yiqhawe lokugcina elibungazwa selingasekho.