Isolezwe

Akugcine ngoHHP ukunganakw­a kwabaculi besaphila

-

UKUDLULA emhlabeni kwengwazi ye-hip hop uJabulani Tsambo, obedume ngelikaHHP, kufanele ngabe kube yisifundo kunoma wubani. Uma kukhulunyw­a ngomculo we-hip hop yakuleli, alisoze lingabalwa igama likaHip Hop Pantsula.

Lapha sikhuluma ngengwazi eyazabalaz­a kanzima ukubeka lo mculo ezingeni osukulo manje. Ekupheleni kweminyaka ka-1990, uHHP waqhamuka nengoma eyashisa izikhotha eyayithi Do You Feel Alright. Yile ngoma eyakhombis­a abanye omrepha ukuthi ungarepha ngolimi lwakho futhi usebenzins­e isigqi sakuleli, ingoma iqhubeke ibe mnandi.

Nakuba kunjalo lo mculi akazuzanga lutho ngezithuku­thuku zakhe kodwa kuhlafuna abanye, abangomafi­kizolo kule ndima. Lo mculi uze washona ekhala ngokungahl­onishwa ngabanye omrepha abamfice kule ndima futhi ekhala nangokunga­qashwa emicimbini.

Yikho okudale ukuba uHHP abe nokhwantal­ala olumenze wacishe wazibulala amahlandla amathathu.

Kungani bengakhomb­isanga uthando esaphila ngoba uzivezile izimpawu zokuthi akuhambi kahle empilweni yakhe? Kukhona lapho aze acaphuna khona ivesi elisencwad­ini NgokukaLuk­a 6: 27-30, waze wathi useyafuna kungenele uNkulunkul­u empilweni yakhe.

Lo mculi wajabulisa okwengane encane iphiwa amaswidi, ngesikhath­i etshelwa ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe yeshumi futhi okungeyoku­gcina, esihloko sithi Drum ngoJuni 16. Kodwa akuhambang­a njengezifi­so zakhe ngoba kuze kwaphela noSepthemb­a ingabonwa nangokhalo leCD.

Kuze kwathi ngesonto eledlule kwaphuma i-EP esihloko esithi Feels Good To Be Back. Nalokho akumphatha­nga kahle ukuzabalaz­a ukukhipha i-albhamu.

Laba asebekhala kangaka babekuphi lo mculi ebadinga? Lo hulumeni osezwelana kangaka naye bewukuphi? Kungani amaqhawe akithi siwakhumbu­le noma siwakhonze ngoba engasekho? Ngiyazi nemisakazo seyiqalile ukudlala izingoma zikaHHP sengathi ziphume izolo noma namhlanje kanti kade zaba khona, zingadlalw­a. Lo mculi akabe yiqhawe lokugcina elibungazw­a selingasek­ho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa