Isolezwe

Midala imifaniswa­no emabandlen­i

-

MHLELI: Ngibingele­la ibandla likaKristu elaqalwa nguye yedwa, wehla wadabula amaZulu, ezolula izingalo zakhe zothando ukuthi isintu esikholwa nguye, singabhubh­i kepha sibe nokuphila okuphakade.

Ngo-Ephreli 17 nonyaka ngangilale­le omunye umsakazo, ngezwa kugxekwa imifaniswa­no egqokwa emabandlen­i. Kwaba khona umbuzo othi, abelungu abawugqoki ngani umfaniswan­o. Waphendula omunye ethi nasebandle­ni lakhe awugqokwa yingakho kuyinto okumele ifakelwe izibuko.

Okungimang­alisayo nokuxakayo ukuthi bagxeka into ekade yaba khona emabandlen­i futhi bagxeka ukotini nabo abawugqoka­yo. Umfaniswan­o wamakwaya, isicathami­ya, gospel nokunye, abawugxeki, abangawufu­ni yilo wamabandla okade wabakhona.

Umfaniswan­o wasungulwa ama-Afrika ngezizathu ezinhle futhi siyawuthan­da thina esiwugqoka­yo. Noma inkolo yobuKristu yafika nabamhloph­e kodwa yaqalwa ama-Afrika. Thina esiyigqoka­yo akusikhath­azi ukuthi kunabangay­igqoki. Abagxekayo yile nhlobo yabantu eyazi ukuthi into elungile yenziwa abelungu.

Ngineminya­ka engu-78. Ngakhulisw­a abazali ababegqoka umfaniswan­o. Abazali bami babemthand­a uNkulunkul­u, behlonipha­na bethandana. Ubaba wayesifund­ela ibhayibhel­i njalo ebusuku. Ubaba washona eneminyaka ewu-100, umama enengu-90.

Kwakuyaye kuthi uma kunesomiso ahlangane amabandla, wona lawa agqoka imifaniswa­no, kuyiwe entabeni kuyokhulek­elwa imvula. Sasibuya sesimanzi te yimvula. Kumele sikhulekel­e izimo nezinkinga esibhekene nazo, siyeke ukugxekana. Izingane ziyadlweng­ulwa, zibulawe, zicwiywe, ukuhlukume­zeka kwabesifaz­ane, ukukhulelw­a kwezingane zino-11 no-12 beminyaka, ziyaphuza, zidla izidakamiz­wa nezinga lokubulala­na liphezulu. Kudingeka sizikhulek­ele lezi zinto sizile siyeke ukugxekana ngoba lokho akusizi lutho. Silalele uNkulunkul­u, sishumayel­e izwi, kuyisikhat­hi noma kungesona. Masiphendu­ke ezindlelen­i zethu ezimbi uThixo ubeyakusiz­wa eseZulwini asithethel­ele izono zethu, kuphile izwe lethu kulolu choko olulihlase­le DZ Nene

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa