Midala imifaniswano emabandleni
MHLELI: Ngibingelela ibandla likaKristu elaqalwa nguye yedwa, wehla wadabula amaZulu, ezolula izingalo zakhe zothando ukuthi isintu esikholwa nguye, singabhubhi kepha sibe nokuphila okuphakade.
Ngo-Ephreli 17 nonyaka ngangilalele omunye umsakazo, ngezwa kugxekwa imifaniswano egqokwa emabandleni. Kwaba khona umbuzo othi, abelungu abawugqoki ngani umfaniswano. Waphendula omunye ethi nasebandleni lakhe awugqokwa yingakho kuyinto okumele ifakelwe izibuko.
Okungimangalisayo nokuxakayo ukuthi bagxeka into ekade yaba khona emabandleni futhi bagxeka ukotini nabo abawugqokayo. Umfaniswano wamakwaya, isicathamiya, gospel nokunye, abawugxeki, abangawufuni yilo wamabandla okade wabakhona.
Umfaniswano wasungulwa ama-Afrika ngezizathu ezinhle futhi siyawuthanda thina esiwugqokayo. Noma inkolo yobuKristu yafika nabamhlophe kodwa yaqalwa ama-Afrika. Thina esiyigqokayo akusikhathazi ukuthi kunabangayigqoki. Abagxekayo yile nhlobo yabantu eyazi ukuthi into elungile yenziwa abelungu.
Ngineminyaka engu-78. Ngakhuliswa abazali ababegqoka umfaniswano. Abazali bami babemthanda uNkulunkulu, behloniphana bethandana. Ubaba wayesifundela ibhayibheli njalo ebusuku. Ubaba washona eneminyaka ewu-100, umama enengu-90.
Kwakuyaye kuthi uma kunesomiso ahlangane amabandla, wona lawa agqoka imifaniswano, kuyiwe entabeni kuyokhulekelwa imvula. Sasibuya sesimanzi te yimvula. Kumele sikhulekele izimo nezinkinga esibhekene nazo, siyeke ukugxekana. Izingane ziyadlwengulwa, zibulawe, zicwiywe, ukuhlukumezeka kwabesifazane, ukukhulelwa kwezingane zino-11 no-12 beminyaka, ziyaphuza, zidla izidakamizwa nezinga lokubulalana liphezulu. Kudingeka sizikhulekele lezi zinto sizile siyeke ukugxekana ngoba lokho akusizi lutho. Silalele uNkulunkulu, sishumayele izwi, kuyisikhathi noma kungesona. Masiphenduke ezindleleni zethu ezimbi uThixo ubeyakusizwa eseZulwini asithethelele izono zethu, kuphile izwe lethu kulolu choko olulihlasele DZ Nene