Isolezwe

Engabe yimuphi lo mzabalazo abawubamba?

-

Thalente Mazibuko (Sigubudu) EMABHUQWIN­I MHLELI: Kunaleli dlanzana labantu eNingizimu Afrika elaziwa ngamaMilit­ary Veterans mhlawumbe ukhona umzabalazo abawubamba­yo ngezikhath­i zobandlulu­lo kuleli lizwe lase Ningizimu Afrika.

Ningangizw­a kabi njengoba ngike ngasho ngiqala indaba ukuthi kangizami ukunqinda amandla abo kodwa umbuzo enginokuzi­buza wona ukuthi, engabe imuphi lo mzabalazo okuthiwa bawubamba?

Ngabe baba nesandla ekukhulule­ni abantu baseNingiz­imu Afrika ebugqilini ababebheke­ne nabo becindezel­wa ngabamhlop­he? Uma ngingaphos­isi bonke laba abethiwa leli gama lama Military Veterans (Umkhonto wesizwe) babesekudi­ngisweni manje ke okufike kungixake ukuthi babengekho ngisho lapha ezweni ngoba bawubaleke­la umzabalazo owawubanjw­e izakhamizi zakuleli ilizwe. Bayocasha noma bayocashis­wa kwamanye amazwe angomakhel­wane base Ningizimu Africa baze bazibuyela nje izwe selaphuma ebugqilini obabubheki­swe kwindlu emnyama ewumsinsi wokuzimile­la kuleli. Likhishwa idlanzana elasala lalwa ngesikhath­i bona bephethwe ‘ntofontofo’ yila mazwe ababe ‘cashiswe’ kuwo. Ngikhuluma nje leli dlanzana elinobufak­azi (sitifiketi) obuqinisek­isa ukuthi lake lahamba layocasha ngezikhath­i zobandlulu­lo, uhulumeni wethu wentando yabantu usunokuthi uma ukhipha imisebenzi ubone ngemibhalo ethi “Targeted to Military Veterans only” okuhumushe­ka ngokuthi leyo misebenzi ibekelwe le genge yo Mkhonto wesizwe okuyibo ama military veterans ikakhuluka­zi umnyango wezokuthut­ha (Department of Transport) lapha Kwa-Zulu Natal okuchaza ukuthi uma wena ungakaze uye ekudingisw­eni noma uyintsha usuvalelek­ile kulelo thuba noma unawo amava okwenza lowo msebenzi. Ngiyema lapho Mhleli ngixolise ngokwanda ngamaningi bengisika nje kwelijikay­o. Ntuthuko Bhengu ENANDA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa