Engabe yimuphi lo mzabalazo abawubamba?
Thalente Mazibuko (Sigubudu) EMABHUQWINI MHLELI: Kunaleli dlanzana labantu eNingizimu Afrika elaziwa ngamaMilitary Veterans mhlawumbe ukhona umzabalazo abawubambayo ngezikhathi zobandlululo kuleli lizwe lase Ningizimu Afrika.
Ningangizwa kabi njengoba ngike ngasho ngiqala indaba ukuthi kangizami ukunqinda amandla abo kodwa umbuzo enginokuzibuza wona ukuthi, engabe imuphi lo mzabalazo okuthiwa bawubamba?
Ngabe baba nesandla ekukhululeni abantu baseNingizimu Afrika ebugqilini ababebhekene nabo becindezelwa ngabamhlophe? Uma ngingaphosisi bonke laba abethiwa leli gama lama Military Veterans (Umkhonto wesizwe) babesekudingisweni manje ke okufike kungixake ukuthi babengekho ngisho lapha ezweni ngoba bawubalekela umzabalazo owawubanjwe izakhamizi zakuleli ilizwe. Bayocasha noma bayocashiswa kwamanye amazwe angomakhelwane base Ningizimu Africa baze bazibuyela nje izwe selaphuma ebugqilini obabubhekiswe kwindlu emnyama ewumsinsi wokuzimilela kuleli. Likhishwa idlanzana elasala lalwa ngesikhathi bona bephethwe ‘ntofontofo’ yila mazwe ababe ‘cashiswe’ kuwo. Ngikhuluma nje leli dlanzana elinobufakazi (sitifiketi) obuqinisekisa ukuthi lake lahamba layocasha ngezikhathi zobandlululo, uhulumeni wethu wentando yabantu usunokuthi uma ukhipha imisebenzi ubone ngemibhalo ethi “Targeted to Military Veterans only” okuhumusheka ngokuthi leyo misebenzi ibekelwe le genge yo Mkhonto wesizwe okuyibo ama military veterans ikakhulukazi umnyango wezokuthutha (Department of Transport) lapha Kwa-Zulu Natal okuchaza ukuthi uma wena ungakaze uye ekudingisweni noma uyintsha usuvalelekile kulelo thuba noma unawo amava okwenza lowo msebenzi. Ngiyema lapho Mhleli ngixolise ngokwanda ngamaningi bengisika nje kwelijikayo. Ntuthuko Bhengu ENANDA