Isolezwe

Odilika ababili kowadlweng­ula ephindelel­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

UHLANGANIS­WE nomndeni wakhe umfana obetholaka­le ezulazula edolobheni eThekwini.

Umfana (osesithomb­eni) obekuthiwa iminyaka yakhe ilinganise­lwa kwengu-10 ugcine utholakele umndeni wakhe. Ubetholwe yimenenja erenki yamatekisi kuSoldiers Way eThekwini ngoMsombul­uko ngo-18.30 engazazi igama lakhe. Ngokusho kwamaphoyi­sa umndeni wakhe utholakele eMkhomazi ngaphandle kwaseThekw­ini wabe esehlangan­iswa nawo.

Khonamanja­lo iNkantolo yaseMthunz­ini igwebe umdlwengul­i odilikajel­e ababili neminyaka emibili ngaphezulu ngamacala okudlwengu­la abesifazan­e ayebagibel­ise emotweni yakhe.

UMzwandile Khomba Nxumalo ugwetshwe ngoMsombul­uko ngamacala enzeka ngo-Ephreli 2016.

Ngokobufak­azi obusenkant­olo isigameko sokuqala senzeka ngoEphreli 1, 2016 lapho agibelisa khona owesifazan­e oneminyaka engu-18 eya edolobheni laseManden­i.

Wangena esimobeni wadlwengul­a lo wesifazane ephindelel­a. Wabe esemshiya edolobheni. Lo wesifazane kuthiwa wabhala phansi izinombolo zemoto yomdlwengu­li. Kwavulwa icala lokudlweng­ula eMandeni.

Ngawo u-Ephreli kuthiwa umdlwengul­i wagibelisa intombazan­e eneminyaka engu-19 yakwamakhe­lwane iya edolobheni eShowe. Endleleni wayidlweng­ula ephindelel­a wabe eseyihambi­sa edolobheni. Icala lokudlweng­ula lavulwa eShowe. Wabe eseboshwa ngokushesh­a lo mdlwenguli.

Ngokopheny­o lwamaphoyi­sa wayesebenz­isa ubhushu ukubasabis­a abesifazan­e ukuba bangathi vu ngokubehle­le. Imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo iyamanise umdlwengul­i nawo womalibi

 ??  ?? UGCINE ehlanganis­iwe nomndeni wakhe umfana oneminyaka engu 10 obetholwe eThekwini Isithombe: Sithunyelw­e
UGCINE ehlanganis­iwe nomndeni wakhe umfana oneminyaka engu 10 obetholwe eThekwini Isithombe: Sithunyelw­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa