Isolezwe

Babuyele emsebenzin­i Osindiswen­i

- PHILI MJOLI

BABUYELE emsebenzin­i, izolo abasebenzi basesibhed­lela Osindiswen­i abebethi ngeke baqhubeke nokusebenz­a kulesi sibhedlela kusekhona izikhulu zaso.

Izolo abasebenzi bakulesi sibhedlela abangaphan­si kwenyunyan­a iNehawu abaqale isiteleka ngoLwesith­athu, bethi akuhambe umphathi wesibhedle­la, umphathi wehhovisi likandabaz­abantu nomphathi wezezimali bakulesi sibhedlela bame ngaphandle kwesibhedl­ela kwaze kwafika isithunywa somnyango wezempilo sizobazisa ukuthi kuhlelwe umhlangano ozoba phakathi kwabathint­ekayo noNgqongqo­she wawo, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ozoba ngoMsombul­oko.

Abasebenzi bathe bazobuyela emsebenzin­i okwesikhas­hana besalinde imiphumela yalowo mhlangano kodwa lezi zikhulu kumele zihambe. Ngemuva kokuxoxisa­na lezi zikhulu kuthiwa ziphume zigadwe ngamaphoyi­sa.

Iphini likanobhal­a weNehawu eThekwini, uMnuz Ayanda Zulu, uthe isithunywa ebesithuny­elwe umnyango sithe kusazoba nomhlangan­o phakathi kukangqong­qoshe, inyunyana nezikhulu zalesi sibhedlela mayelana nezinkinga zesibhedle­la. “Abasebenzi babuyele okwesikhas­hana emsebenzin­i njengoba kusalindwe ukuthi kube nalo nomhlangan­o. Thina sithe ngeke sibuyele emsebenzin­i uma lezi zikhulu zisekhona. Ngeke ngisho ukuthi isiteleka siphelile, kuzoya ngokuthi umhlangano wangoMsomb­uluko uqhamuke nasiphi isisombulu­lo.”

Uthe basamile ekutheni basola ukuthi laba abathathu abasichazi kahle isimo salesi sibhedlela, uma bebhalela umnyango umbiko, okuholela ekutheni uMnyango wezeMpilo ungasheshi ukuqhamuka nezisombul­ulo sezinkinga zokushoda kwabaseben­zi, ukushoda kwemithi nezinsiza nokungalun­giswa kwamabhili­di.

Abasebenzi bathi bahambisa uhla lwezikhalo emnyangwen­i ngoMeyi, bekhala ngalezi zinto ezingehla kodwa umnyango akukho osukulungi­sile kuze kube manje wagcina ngemihlang­ano, ngemuva kwalokho kwathuleka.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe, uNksz Ncumisa Mafunda, ukuqinisek­isile ukuthi kuthunyelw­e isikhulu somnyango ukuthi siyozwa ukuthi abasebenzi bathini kodwa wathi mayelana nokuthi bamisiwe yini okukhalwa ngabo, wathi usazoqinis­ekisa nehhovisi likandabaz­abantu.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? ABASEBENZI besibhedle­la Osindiswen­i abangaphan­si kwenyunyan­a iNehawu abakhala ngokushayw­a indiva umnyango wezempilo babuyele emsebenzin­i, izolo
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ABASEBENZI besibhedle­la Osindiswen­i abangaphan­si kwenyunyan­a iNehawu abakhala ngokushayw­a indiva umnyango wezempilo babuyele emsebenzin­i, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa