Ababoshwe ababulale iphoyisa: Kaunda
UNGQONGQOSHE wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhumanisa uMphakathi kwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda usenxenxe amaphoyisa ukuba abophe ngokushesha abasolwa ngokubulala iphoyisa laseMariannhill.
UWarrant Officer Bhekisigcino Zethembe Khwela (54) udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngaphandle komuzi wakhe KwaNdengezi ngoLwesibili ebusuku.
Kuthiwa abahlaseli bafice uKhwela emi nendodana yakhe nomngani wendodana base beyamdubula.
UKaunda izolo uthumele isitatimende kwabezindaba nalapho ethi nomphakathi kumele usize amaphoyisa ekuboshweni kwabasolwa.
“Amaphoyisa kumele aqinise uphenyo lwawo ukuze kuzoboshwa ababulali. Ukubulawa kwephoyisa kufana nse nokuvukela umbuso wakuleli. Kumele senze isiqiniseko ukuthi izigilamkhuba ziyaboshwa zibhekane ngqo nomthetho. Ababoshwe abasolwa ngokubulala iphoyisa,” kusho uKaunda.
Uthe lona ngeke kube umsebenzi wamaphoyisa kuphela kodwa nomphakathi ucela ufake isandla.
“Ngiyanxusa ukuba noma iliphi ilungu lomphakathi elingaba nolwazi olungalekelela uphenyo ukuba lize emaphoyiseni ukuze kuboshwe abasolwa. Amaphoyisa ewodwa ngeke akwazi ukulwa nobugebengu obuqhubekayo emphakathini yethu. Kumele sihlangane kulesi sifundazwe silwe nobugebengu,” kusho uKaunda.
UNgqongqoshe uphinde wanxusa ukuba amaphoyisa anikezwe isikhathi esanele esebenza leli cala.
Udlulise namazwi enduduzo emndenini waleli phoyisa. UKhwela ubephinde abe usomatekisini njengoba ubenamakhumbi amathathu. Kulindeleke ukuba afihlwe ngeSonto.