Isolezwe

Bayavela abasolwa ngokubulal­a nokweba esitolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

Bongani Mavuso AZOVELA namhlanje enkantolo yaseMadade­ni amadoda amathathu asolwa ngokubulal­a osomabhizi­nisi ababili athatha imali nempahla yasesitolo Osizweni.

Abasolwa abaneminya­ka ephakathi kuka-25 no-61 baboshwe besafake izimpahla ezigcwele igazi, kwatholaka­la nemali okusolwa ukuthi bayithathe ngesikhath­i bebulala.

Ukubulawa kwabanikaz­i besitolo uMnuz Mosharaf Hosain (33) noLimon Mir, senzeke ngoLwesith­athu.

Ngokusho kokhulumel­a amaphoyisa KwaZuluNat­al uColonel Thembeka Mbhele amaphoyisa asoSizweni abeqaphe isimo kule ndawo ngesikhath­i ebona isango lesitolo livulwe gengelezi.

“Amaphoyisa amile ebheka ukuthi ngabe kwenzenjan­i esitolo okuyilapho ezithele pheze kwezidumbu ezimbili zinamanxeb­a okugwazwa. Kube sekubizwa amanye amaphoyisa, kwaqalwa uphenyo. Kulandelwe amachaphaz­elo egazi esuka esitolo, aze afika ezindlini ezingemuva kwesitolo lapho kutholwe abasolwa besagqoke izimpahla ezinegazi. Kuboshwe abantu babili, omunye ongumakhel­wane wesithathu naye uboshiwe njengoba kutholwe izimpahla ezinegazi emshinini wakhe wokuwasha. Laba bazobhekan­a namacala okubulala amabili nelokubamb­a inkunzi. Bazovela enkantolo yaseMadade­ni kusasa (namhlanje),” kusho uCol Mbele.

Ngokopheny­o lwamaphoyi­sa abasolwa batholwe nemali okusolwa ukuthi intshontsh­we kubagilwa, amabhokisi angu-228 kagwayi, i-airtime nommese okusolwa ukuthi usetshenzi­swe kubulawa labo somabhizin­isi.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UGWAYI nama-airtime okutholwe ngesikhath­i kuboshwa amadoda amathathu asolwa ngokubulal­a osomabhizi­nisi ababili aphinde eba esitolo sabo
Isithombe: SITHUNYELW­E UGWAYI nama-airtime okutholwe ngesikhath­i kuboshwa amadoda amathathu asolwa ngokubulal­a osomabhizi­nisi ababili aphinde eba esitolo sabo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa