Odilika ababili kowadlwengula ephindelela
UHLANGANISWE nomndeni wakhe umfana obetholakale ezulazula edolobheni eThekwini.
Umfana (osesithombeni) obekuthiwa iminyaka yakhe ilinganiselwa kwengu-10 ugcine utholakele umndeni wakhe. Ubetholwe yimenenja erenki yamatekisi kuSoldiers Way eThekwini ngoMsombuluko ngo-18.30 engazazi igama lakhe. Ngokusho kwamaphoyisa umndeni wakhe utholakele eMkhomazi ngaphandle kwaseThekwini wabe esehlanganiswa nawo.
Khonamanjalo iNkantolo yaseMthunzini igwebe umdlwenguli odilikajele ababili neminyaka emibili ngaphezulu ngamacala okudlwengula abesifazane ayebagibelise emotweni yakhe.
UMzwandile Khomba Nxumalo ugwetshwe ngoMsombuluko ngamacala enzeka ngo-Ephreli 2016.
Ngokobufakazi obusenkantolo isigameko sokuqala senzeka ngoEphreli 1, 2016 lapho agibelisa khona owesifazane oneminyaka engu-18 eya edolobheni laseMandeni.
Wangena esimobeni wadlwengula lo wesifazane ephindelela. Wabe esemshiya edolobheni. Lo wesifazane kuthiwa wabhala phansi izinombolo zemoto yomdlwenguli. Kwavulwa icala lokudlwengula eMandeni.
Ngawo u-Ephreli kuthiwa umdlwenguli wagibelisa intombazane eneminyaka engu-19 yakwamakhelwane iya edolobheni eShowe. Endleleni wayidlwengula ephindelela wabe eseyihambisa edolobheni. Icala lokudlwengula lavulwa eShowe. Wabe eseboshwa ngokushesha lo mdlwenguli.
Ngokophenyo lwamaphoyisa wayesebenzisa ubhushu ukubasabisa abesifazane ukuba bangathi vu ngokubehlele. Imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo iyamanise umdlwenguli nawo womalibi amacala agcina ngokumlahla.
Ugwetshwe udilikajele icala ngalinye lokudlwengulwa, wabe esegixabezwa nangeminyaka emibili ngokuthumba laba besifazane.