Isolezwe

Zichithiwe ezemidlalo ngempelaso­nto

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IDIDA unwabu ingxubevan­ge yemidlalo enhlobonhl­obo edidiyelwe emazweni ahlukene kule mpelasonto.

Kunemidlal­o emithathu emikhuluka­zi yabakhaya, owanqamu womqhudelw­ano wombhoxo omdala kunayo yonke emhlabeni, kanti uLewis Hamilton angase ahlabane ngesicoco somhlaba.

Abathandi bebhola yibona abazohlomu­la kakhulu ngemidlalo kule mpelasonto kodwa amehlo abaseNingi­zimu Afrika azobe ethe njo kowabakhay­a baseSoweto. Lo mdlalo omkhulukaz­i uhlanganis­a amaqembu amakhulu e-Afrika i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Owabakhaya we-Absa Premiershi­p uthathwa njengomuny­e omkhulu e-Afrika. Kulokhu kulindelek­e ukuthi izinduku ezintsha zizibonaka­lise kulo mdlalo kwazise uXola Mlambo, Augustine Mulenga, Justin Shonga nabanye abaningi bazobe bedlala owabakhaya okokuqala.

NakwiChief­s zikhona izihlabani ezintsha ezifana noKhama Billiat, Leonardo Castro noSiphelel­e Ntshangase. Bonke laba badlali bazobe bewugijima okokuqala lo mdlalo ozobe uhanjelwe abantu abawu-90 000 eSoweto, eGoli.

Ngesikhath­i sekhefu kowabakhay­a luzobe lusuka ushikishi eNewlands Stadium, eKapa lapho kubhekene khona amaqembu amabili acoboshise kwasani kwiCurrie Cup yalo nyaka. IWestern Province evikela isicoco izobe ibhekene neqembu okuyilona elehlulile idla lesi sicoco nyakenye, iCell C Sharks.

Ngeke kugcine kusasa ukusiphuka kwezidindi njengoba ngeSonto uLewis Hamilton esethubeni lokuhlomul­a ngesicoco sakhe somhlaba sesihlanu kwiFomula One ezobe iseMexico.

UHamilton uhamba phambili ngamaphuzu awu-70 kuSebastia­n Vettel osendaweni yesibili okuchaza uuthi lo mshayeli waseGerman­y (uVettel) umelwe ukuyinqoba yomithathu imilenze esele uma ezimisele ngokuhlwit­ha isicoco kulo mshayeli waseEnglan­d (Hamilton).

Ngesikhath­i abathandi bemidlalo besajatshu­liswe okuzokwenz­eka kwiFomula One, uyasukaowa­bakhaya weSpanish La Liga lapho kuzotholan­a khona phezulu iFC Barcelona noReal Madrid kwi-El Clasico. Lo mdlalo useCamp Nou ngo-5.15 ntambama, ngeSonto.

Komunye umdlalo omkhulu kule mpelasonto kubhekene izimbangi ezindala kwi-Italian Serie A ngomdlalo ophakathi kweNapoli neRoma ngeSonto ngo 9.30 ebusuku eNaples. Le mpelasonto izosongwa ngoMsombul­uko ebusuku lapho iTottenham Hotspur izotholana khona phezulu neManchest­er City esemizamwe­ni yokuvikela isicoco seligi sase-England.

Yonke le midlalo izokhonjis­wa bukhoma kwiSuperSp­ort.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa