Ukhale ngokulimala kwezethenjwa uLarsen
UBALISE ngokulinyalelwa izethenjwa zakhe kwaze kwezwela umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uClinton Larsen ngesikhathi enaba ngokungazi kwakhe ukuthi uzothathani ayihlanganise nani ukuze abophe itulo elizomtholela amaphuzu amathathu kwiAbsa Premiership.
EzikaLarsen zizobhekana neSuperSport United ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eMbombela Stadium.
ULarsen ukusho lokhu ngemuva kokudedela amaphuzu ngesikhathi iqembu lakhe livumela ukubanjwa yiFree State Stars sekusele imizuzu emine kobuseGoble Park ngoLwesithathu. NgokukaLarsen lesi yisikhathi esinzima ngempela kuyena kwazise uqale lo mdlalo ngabadlali abangalijwayele ijezi.
Nakuwona futhi siphinde sanda isibalo sabadlali abalimele njengoba uSiyanda Zwane (osanda kubuya ekulimaleni) eshayeke kabi ekhanda okuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. Lesi sitobha silimala nje sisanda kubuya ekulimaleni kwazise sishayeke kabi i-Arrows ibhekene neMamelodi Sundowns muva nje.
Kulimala uZwane nje, uDevine Lunga, Danny Phiri, Sandile Zuke noDanny Venter abekho ngenxa yakho belu ukulimala abakuthole ngaphambi komdlalo weTelkom Knockout neBaroka FC. Bonke laba badlali balimale i-Arrows inqoba ngo 1-0 kwiBlack Leopards ngaphambi kwekhefu leFifa naseqenjini lesizwe laseZimbabwe ngokwahlukana.
UZolani Nkombelo noVelemseni Ndwandwe basayibuka nezihlwele imidlalo ngenxa yakho belu ukulimala. Konke lokhu kuyasifakazela isililo sikaLarsen.
“Kunzima ukuba yithina kulesi sikhathi ngoba kumele sichibiyele isikimu kodwa amaqembu esibhekene nawo awanandaba nalokho afuna amaphuzu. Ngiyazi ukuthi isikhathi esinje siyafika ebholeni kodwa akujwayelekile ukuthi kulimale inqwaba edlala indawo eyodwa. Ngenhlanhla sikholelwa ekutheni sibakhulise abafana bethu abancane ngakho-ke yibona abazosebenza lapha,” kusho uLarsen.
Baya eMbombela ukuyobhekana neqembu elivukile emaqandeni futhi uma ubheka irekhodi lalo lasekhaya kufanele bangenwe amanzi emadolweni oLarsen nethimba lakhe labaqeqeshi. ISuperSport isayinqobe yonke imidlalo yayo eyidlalele ekhaya lapho ishaye khona AmaZulu, Chippa United neLeopards.
“Sinenkinga efanayo neye-Arrows ikakhulukazi phambili ngoba uFagrie (Lakay), Bradley (Grobler), Thabo (Mnyamane) no-Evans (Rusike) bonke balimele. Nginethemba lokuthi abadlali abafana noTeboho (Mokoena) bazoqhubeka nokukhombisa izimpawu zokukhula,” kusho uKaitano Tembo oqeqesha iSuperSport.