Isolezwe

OweSharks ubona inkinga yeProvince

- NDUDUZO DLADLA

KUNGENZEKA kube nomthelela omubi kwiDHL Western Province ukudlala kwayo isikhathi esengeziwe kowandulel­a owamanqamu ngeledlule.

Lona ngumbono womqeqeshi weCell C Sharks, uRobert Du Preez Snr, ezakhe ezizodlala neProvince kowamanqam­u emqhudelwa­neni iCurrie Cup kusasa eNewlands Stadium, eKapa. Lo mdlalo uzoqala ngo-4 ntambama.

UDu Preez ukhuluma kanjena nje, usola ukuthi iProvince ingase ikhathale ngenxa yokuthi iBlue Bulls yayidonsis­a kanzima ngeledlule, zibambana ngo 32-32 emizuzwini ewu-80.

Esikhathin­i esengeziwe ompetha abavikela lesi sicoco, iProvince banqobe ngo 35-32.

“Kungenzeka kube nomthelela ukudlala kwabo isikhathi esengeziwe ngeledlule. Yingakho kufanele sibampitsh­e zibekwa, sibafake ingcindezi.

Engikuqaph­elile ukuthi abayithand­i ingcindezi abadlali beProvince. Singakhulu­ma kushone ilanga ngesifisa kwenzeke kulo mdlalo wamanqamu kodwa iqiniso ukuthi sekusele kubadlali ukuthi kube yibona abenza umsebenzi. Amalungise­lelo wonke siwenzile, siyakwazi futhi okufanele sikwenze kulo mdlalo,” usho kanje uDu Preez izolo esithangam­ini nabezindab­a eKings Park Stadium.

Umakadebon­a kwiSharks, uLwazi Mvovo akazukuba yingxenye yeqembu elizodlala kowamanqam­u ngenxa yokushayek­a kabi ekhanda.

Indawo yakhe ithathwe umdlali osemncane, ofike kwezwakala esigabeni esiphezulu u-Aphelele Fassi.

“UMvovo akazudlala ngenxa yokulimala kodwa indawo yakhe izothathwa u-Aphelele. Ngijabule kakhulu ngalesi sinqumo ngoba uFassi ube nesizini enhle kakhulu, ngiyethemb­a ukuthi uzokwenza into yamehlo,” usho kanje uDu Preez.

Isikwati seSharks esizoqala umdlalo:

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weSharks uRobert Du Preez, nezakhe babhekene nemqansa wokushaya iWestern Province emdlalweni wamanqamu weCurrie Cup eNewlands Stadium, eKapa, kusasa ngo-4 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weSharks uRobert Du Preez, nezakhe babhekene nemqansa wokushaya iWestern Province emdlalweni wamanqamu weCurrie Cup eNewlands Stadium, eKapa, kusasa ngo-4 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa