Silindele ingelosi ezoqeqesha iBafana Bafana igile izimanga
NOMA ngingaseyena umuntu othanda ukuya enkonzweni kodwa ngakhuliswa ngayo inkolo yobuKrestu. EmaRomeni lapho ngakhula ngikhonza khona kwakuqhakanjiswa kakhulu indaba yezingelosi.
Ingelosi yayibekwa njengomuntu omsulwa, ongenasici nongumvikeli wakho konke. Angifuni ukungena ngigxile ekutheni njengoba senginamazinyo ashodayo nje, ngenxa yokukhula, ngabe ngiyakholwa yini ukuthi ikhona ingelosi. Ngiyazi uma ngingathinta leyo ndaba kungaphikiswana kusukela kusempondo zamnenke kuze kube liyozilahla kunina. Ngizokugwema-ke lokho ukuze lolu suku lwesihlanu lwesonto luhambe kahle.
Lapho ngiqonde khona isekutheni angazi ukuthi onjani umqeqeshi oyocija iqembu lesizwe, iBafana Bafana, kwaneliseke wonke umuntu. Ngithe uma ngicabanga ngokuloba le ngosi ngikhulume ngalolu daba ngafikelwa yisimo sengelosi.
Kubukeka sengathi kuyoze kulamule kona ukuthi kwehle ingelosi ivela emkhathini izozinikela ukuthi izoqeqesha iBafana kungabi khona ukukhuluma nokungeneliseki. Phela kuthiwa akukho okwehlula ingelosi.
Njengawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika ozifelayo ngonobhutshuzwayo, nami ngiphoxekile ukuthi iBafana ayizange ibuye namaphuzu aphelele ngesikhathi ibhekene neSeychelles ekuhambeni ngeledlule. Ngiyazi sonke besilindele amaphuzu ayisithupha kule midlalo emibili esiyidlale neSeyechelles ngoba iyizwe nje elincane elingadumile ngonobhutshuzwayo. Ngaphezu kwalokho abanayo ngisho neligi efana ne-Absa Premiership le yethu ebalwa namaligi ahamba phambili emhlabeni.
Nokho indumalo yami ayizange yenze ukuthi ngifikelwe umuzwa wokuthatha isizenze ngiyohlasela umqeqeshi weqembu lesizwe uStuart Baxter. Ngithe uma ngiqeda ukudumala ngazikhumbuza ukuthi ibhola linjalo, akulula ukuqagula ukuthi umphumela uzohamba kanjani.
Ngizikhumbuzile futhi ukuthi kuthiwa emandulo intuthwane yabulala indlovu, kanti eBhayibhelini baye bathi uDavide wamangaza uGoliyathe. Okwenzeke kwiBafana yinto ehlale yenzeka emaqenjini amaningi futhi amanye azithola ethola induku ivela kulawo abethathwa njengamancane.
Manje kungani esethukwa kangaka uBaxter nabadlali beqembu lesizwe ngokudlala ngokulingana neSeychelles? Babodwa abathi kumele ashenxe ekuqeqesheni iqembu lesizwe ngoba umsebenzi uyamehlula.
Kule midlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) iBafana ishaye iNigeria, yadlala ngokulingana neLibya, yashaya iSeychelles (ngo 6-0) yaphinde yadlala ngokulingana nalo leli lizwe kulo mdlalo wokugcina osuse umsindo. Okuphawulekayo lapha ukuthi iqembu lethu lesizwe alikahlulwa futhi alikho igoli elisangene ngakulona kule midlalo yokuhlungela i-Afcon. Ngabe yilokho okumele akuxoshelwe uBaxter?
Uyazi indlela esenza ngayo njengesizwe uma izinto zingahambanga kahle eqenjini lesizwe iBafana, ingishiya ngibambe ongezansi.
Ukuxosha uBaxter sekusele imidlalo emibili kuphela yokuhlunga angiboni kuwumqondo ophusile. Senza into efanayo nangesikhathi u-Ephraime “Shakes” Mashaba neBafana bezama ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussia nonyaka. Namanje ngisasho ukuthi sasingekho isidingo sokuxosha uMashaba maphakathi nemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba (esigcine singayanga kuyona) yize ngivuma ukuthi kukhona lapho ayephambuke khona.
Anginankinga nabantu abagxeka uBaxter ngendlela enza ngayo izinto kwiBafana ngoba sonke sihlale sinemibono yethu. Inkinga enginayo ukuthi kubukeka sengathi sihlale silinde ukuthi kube khona nje okuncane okuyiphutha azokwenza bese siyagadla. Ngabe kusewuthando lweBafana lolo noma sesilwa nalo muntu oyiqeqeshayo uqobo?
NakuMashaba kwakuyinto efanayo ngoba wayegxekwa ngazo zonke izindlela yize iBafana yayiyiwina imidlalo eminingi ngaphansi kwakhe. Mina engizithanda zonke ezemidlalo ngaphoxeka kakhulu ngesikhathi iqembu lethu lesizwe, amaBhokobhoko, lidedela iNew Zealand seliyibambile emdlalweni wokugcina weRugby Championship. Kunesikhathi lapho iqembu lethu lalihamba khona phambili ngo 30-18 kulo mdlalo sekusele cishe imizuzu ewu-15 ukuthi kuphele umdlalo. Lapho ngase ngizitshela ukuthi sesiwashayile ama-All Blacks kodwa abuya, amaBhokobhoko adliwa ekugcineni. Angazike noma abalandeli bebhola lombhoxo bawuqonda kangcono yini lo mdlalo ngoba ngemuva kwalokho angizange ngizwe kuthukwa uRassie Erasmus nabadlali bakhe. Ukushaya iNew Zealand ebholeni lombhoxo kubaluleke njengokushaya iNigeria kunobhutshuzwayo kungakhathelekile ukuthi kusuke kudlalwa umdlalo obaluleke kangakanani.
Labo abathi uBaxter akaxoshwe baxaka ngokuthi abasho ukuthi ubani lona okumele aqeqeshe iBafana ukuze beneliseke. UMashaba noPitso Mosimane nabo bagcina sebenyamanambana kubathandi bebhola baseNingizimu Afrika. Ubani ngempela okumele aqeqeshe iBafana? Kusobala ukuthi sesolinda yona ingelosi ukuthi iqathake emkhathini izoxazulula le nkinga ngoba akekho kulo mhlaba ongamelana nengcindezi eza nokucija iBafana.