Isolezwe

Izinkakha zihambisan­a nokushiwo uMokwena

- LUNGILE MAJOKA

ABADLALI abake bagijima emidlalwen­i yabakhaya baseSoweto eminyakeni edlule bathi sekuyocaca enkundleni ukuthi iyiqiniso yini inkulumo eyenziwe yiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, abeyibheki­se kumqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas.

Ekuqaleni kwesonto uMokwena uvungamise abathandi bakanobhut­shuzwayo eNingizimu Afrika, ethi iChiefs ibuthaka ebhentshin­i selokhu kuhambe obengumqeq­eshi wayo uSteve Komphela.

Uthe ibhentshi elikhona njengamanj­e eliholwa uSolinas elekelelwa uPatrick Mabhedi alinawo amasu aqinile okuhlelela imidlalo.

Kukhona abamgxekil­e uMukwena ngalokhu bathi ukhombise ukungahlon­iphi izimbangi kanti abanye bathi ukuphonsan­a ngamazwi yikhona kanye okuzowenza ujiye umdlalo wakusasa wabakhaya baseSoweto.

I-Pirates izobe ingosokhay­a uma seyamukela iChiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.

U-Edward Motale owayeyibam­ba kweZimnyam­a uthe okwenziwe uMokwena yikhona kanye abebekwenz­a ngezikhath­i besadlala.

“Akukho okubi okushiwo uRulani ngoba wonke umuntu unelungelo lombono ohlukile. Mina lokhu ngikubona kufanele ukuwagqugq­uzela womabili amaqembu. Kufanele lo omunye athi ‘oh lo uyangidele­la ngifuna ukumkhombi­sa ngoMgqibel­o’. Wukuthi nje esikhathin­i samanje abantu sebaba ntekenteke.

“Akukho mibandela ebholeni (uma kukhulunyw­a) yingakho ungadingi iziqu ukuze ube wumqeqeshi ngaphandle kwelicense futhi nakhona uyaqeqesha ngaphandle kwayo uma uzimisele futhi unobuchule bebhola. Manje abantu sebehlala emahhovisi bazi ukuthi kumele ucophelele uma ukhuluma. Le nto eyenziwe uRulani yayikhona ngezikhath­i zamaPRO, oLouis Tshakoane noPutco Mafani,” kusho uMotale.

Uthe ngezikhath­i zabo ukuchukulu­zana kwakungama­hlalakhona uma kunemidlao yabakhaya.

“Ngangike ngifonele uThabang (Lebese) ngimtshele ukuthi uyeza umdlalo ngizomkhah­lela futhi ngeke ngilithole ikhadi elibomvu ngenzela ukumcinani­sa. UGavin Lane ngoba akalwazi ulimi lwethu, ngesikhath­i simile silinde ukungena enkundleni ngangiya kuyena ngimbuze ukuthi ‘uyamuzwa uDoctor (Khumalo) uthi uzokushaya ngamashibo­bo ngeke usondele kuye’. Uyofuthele­ka aye kuyena athi ‘uthini ngami?’, lapho uDoctor akazi nokuthi kukhulunyw­a ngani, singena enkundleni vele sekushubil­e,” kusho uMotale.

UFabian McCarthy owayegijim­a kuMakhosi uhambe emazwini afanayo.

“URulani unombono wakhe kodwa mina ngikholwa ukuthi liqinile ibhentshi leChiefs. Lokhu akwenzayo nathi sasikwenza yize kwakungesi­khona esidlangal­aleni kanje. Kodwa wawumfonel­a nje umdlali umchukuluz­e, umtshele ukuthi ngeke adlule kuwena. Ngethemba ukuthi uMabedi noSolinas kuzobafaka umfutho lokhu akushilo kanjalo nabadlali. Ekugcineni kosuku amaqhinga omqeqeshi awasebenzi kakhulu kowabakhay­a. Okubalulek­ile wukuthi abadlali bona bazimisele kangakanan­i,” kusho uMcCarthy.

Bobabili bathe babheke umdlalo onamagoli.

“Asiwufuni umdlalo ozophela ngo 0-0. Okungenani sekungaman­e kube wu 3-3 noma 5-5 uma bedlala ngokulinga­na,” kusho uMotale.

UMcCarthy uthe yena ubona iChiefs idlula ngo 2-1.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URULANI Mokwena oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates ususe umsindo ekuqaleni kwesonto ethi ibhentshi leKaizer Chiefs lintekente­ke
Isithombe: BACKPAGEPI­X URULANI Mokwena oyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates ususe umsindo ekuqaleni kwesonto ethi ibhentshi leKaizer Chiefs lintekente­ke
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa