Zichithiwe ezemidlalo ngempelasonto
IDIDA unwabu ingxubevange yemidlalo enhlobonhlobo edidiyelwe emazweni ahlukene kule mpelasonto.
Kunemidlalo emithathu emikhulukazi yabakhaya, owanqamu womqhudelwano wombhoxo omdala kunayo yonke emhlabeni, kanti uLewis Hamilton angase ahlabane ngesicoco somhlaba.
Abathandi bebhola yibona abazohlomula kakhulu ngemidlalo kule mpelasonto kodwa amehlo abaseNingizimu Afrika azobe ethe njo kowabakhaya baseSoweto. Lo mdlalo omkhulukazi uhlanganisa amaqembu amakhulu e-Afrika i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Owabakhaya we-Absa Premiership uthathwa njengomunye omkhulu e-Afrika. Kulokhu kulindeleke ukuthi izinduku ezintsha zizibonakalise kulo mdlalo kwazise uXola Mlambo, Augustine Mulenga, Justin Shonga nabanye abaningi bazobe bedlala owabakhaya okokuqala.
NakwiChiefs zikhona izihlabani ezintsha ezifana noKhama Billiat, Leonardo Castro noSiphelele Ntshangase. Bonke laba badlali bazobe bewugijima okokuqala lo mdlalo ozobe uhanjelwe abantu abawu-90 000 eSoweto, eGoli.
Ngesikhathi sekhefu kowabakhaya luzobe lusuka ushikishi eNewlands Stadium, eKapa lapho kubhekene khona amaqembu amabili acoboshise kwasani kwiCurrie Cup yalo nyaka. IWestern Province evikela isicoco izobe ibhekene neqembu okuyilona elehlulile idla lesi sicoco nyakenye, iCell C Sharks.
Ngeke kugcine kusasa ukusiphuka kwezidindi njengoba ngeSonto uLewis Hamilton esethubeni lokuhlomula ngesicoco sakhe somhlaba sesihlanu kwiFomula One ezobe iseMexico.
UHamilton uhamba phambili ngamaphuzu awu-70 kuSebastian Vettel osendaweni yesibili okuchaza uuthi lo mshayeli waseGermany (uVettel) umelwe ukuyinqoba yomithathu imilenze esele uma ezimisele ngokuhlwitha isicoco kulo mshayeli waseEngland (Hamilton).
Ngesikhathi abathandi bemidlalo besajatshuliswe okuzokwenzeka kwiFomula One, uyasukaowabakhaya weSpanish La Liga lapho kuzotholana khona phezulu iFC Barcelona noReal Madrid kwi-El Clasico. Lo mdlalo useCamp Nou ngo-5.15 ntambama, ngeSonto.
Komunye umdlalo omkhulu kule mpelasonto kubhekene izimbangi ezindala kwi-Italian Serie A ngomdlalo ophakathi kweNapoli neRoma ngeSonto ngo 9.30 ebusuku eNaples. Le mpelasonto izosongwa ngoMsombuluko ebusuku lapho iTottenham Hotspur izotholana khona phezulu neManchester City esemizamweni yokuvikela isicoco seligi sase-England.
Yonke le midlalo izokhonjiswa bukhoma kwiSuperSport.