OweSharks ubona inkinga yeProvince
KUNGENZEKA kube nomthelela omubi kwiDHL Western Province ukudlala kwayo isikhathi esengeziwe kowandulela owamanqamu ngeledlule.
Lona ngumbono womqeqeshi weCell C Sharks, uRobert Du Preez Snr, ezakhe ezizodlala neProvince kowamanqamu emqhudelwaneni iCurrie Cup kusasa eNewlands Stadium, eKapa. Lo mdlalo uzoqala ngo-4 ntambama.
UDu Preez ukhuluma kanjena nje, usola ukuthi iProvince ingase ikhathale ngenxa yokuthi iBlue Bulls yayidonsisa kanzima ngeledlule, zibambana ngo 32-32 emizuzwini ewu-80.
Esikhathini esengeziwe ompetha abavikela lesi sicoco, iProvince banqobe ngo 35-32.
“Kungenzeka kube nomthelela ukudlala kwabo isikhathi esengeziwe ngeledlule. Yingakho kufanele sibampitshe zibekwa, sibafake ingcindezi.
Engikuqaphelile ukuthi abayithandi ingcindezi abadlali beProvince. Singakhuluma kushone ilanga ngesifisa kwenzeke kulo mdlalo wamanqamu kodwa iqiniso ukuthi sekusele kubadlali ukuthi kube yibona abenza umsebenzi. Amalungiselelo wonke siwenzile, siyakwazi futhi okufanele sikwenze kulo mdlalo,” usho kanje uDu Preez izolo esithangamini nabezindaba eKings Park Stadium.
Umakadebona kwiSharks, uLwazi Mvovo akazukuba yingxenye yeqembu elizodlala kowamanqamu ngenxa yokushayeka kabi ekhanda.
Indawo yakhe ithathwe umdlali osemncane, ofike kwezwakala esigabeni esiphezulu u-Aphelele Fassi.
“UMvovo akazudlala ngenxa yokulimala kodwa indawo yakhe izothathwa u-Aphelele. Ngijabule kakhulu ngalesi sinqumo ngoba uFassi ube nesizini enhle kakhulu, ngiyethemba ukuthi uzokwenza into yamehlo,” usho kanje uDu Preez.
Isikwati seSharks esizoqala umdlalo: