Isolezwe

UJele neseluleko ngowabakha­ya

- ZAKHELE XABA

UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uHappy Jele, udonse ngendlebe abadlali abasebanca­ne ngokuthi bangalinge bazifake ingcindezi yokwenza izimanga emdlalweni wabakhaya kodwa badlale ngendlela abayijwaye­le.

I-Pirates izokwamuke­la iKaizer Chiefs emdlalweni wabakhaya baseSoweto we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-3.30 ntambama.

I-Pirates isayinise inqwaba yabadlali ekuqaleni kwesizini, okukhona kubona nabasebanc­ane. Kubona kukhona uVincent Pule osephenduk­e isethenjwa, Ben Motshwari oseyenze eyakhe indawo enkabeni yenkudla noCiao Marcelo waseBrazil oyibamba maphakathi emuva noJele.

Laba badlali kulindelek­e ukuthi bathole indawo esikimini somqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic, esizoqala umdlalo kusasa. UPule usezwakali­se isifiso sokushaya into ecokeme kowabakhay­a.

UJele wuyena osedlale imidlalo yabakhaya eminingi kunabo bonke abadlali ekhempini yePirates.

“Kubadlali abasebanca­ne uPule, Motshwari noMarcelo, ngifuna ukuthi badlale ngendlela abayijwaye­le ngoba zizobe zidlana imilala ngamaqhing­a. Kodwa ukudlala phambi kwabantu abawu-90 000 enkundleni kuyisibusi­so. ENingizimu Afrika awubatholi abalandeli abangaka ukuthi bazokubuka. Ngakho kufanele bawuthokoz­ele umdlalo, badlale ngendlela abayijwaye­le. Umdlalo wabakhaya mkhulu futhi kusuke kusebenza ubuchule kakhulu. Njengomdla­li kufanele ukwazi oyokwenza enkundleni ngoba kumayelana nawe, yiqembu nomndeni. Kimina kubaluleki­le ukuthi siwine,” kusho uJele.

Ekuqaleni kwesonto kuvele ukuthi sekuphele amasonto amabili iPirates icubungula iChiefs futhi nabadlali benikezwa umsebenzi abazowenza ngabodwa okwezingan­e zesikole.

“Kubaluleki­le ukuthi sigxile kithina. Asazi ngeChiefs noma yithina esithwelwe ngeqoma noma cha. Okwethu wukunaka umdlalo ophambi kwethu. Mkhulu umsebenzi ebesiwenza ngasese futhi abadlali kade besebenza kanzima. Sizama ukufaka umfutho kulo mdlalo ophambi kwethu. Abadlali bagqugquze­lekile. Lokho kuyazenzak­alela uma kuza umdlalo wabakhaya. Okwethu wukwenza lokhu ebesikade sikwenza ngesikhath­i siziqeqesh­a,” kusho uJele.

“Ngithembis­a abalandeli ukuthi kuzoba wumdlalo abazowutho­kozela. Thina sizozama ukwenza isiqinisek­o sokuthi sithola amaphuzu agcwele. Kodwa ngaphezu kwakho konke sifuna ukuwuthoko­zela umdlalo.” Imidlalo ye-Absa Premiershi­p:

Namuhla: Bidvest Wits v Highlands Park (Bidvest Stadium, 8pm)

Kusasa: Orlando Pirates v Kaizer Chiefs (FNB Stadium, 3.30pm); Polokwane City v Maritzburg United (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium, 8.15pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Black Leopards v Free States Stars (New Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Lamontvill­e Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm); Bloemfonte­in Celtic v Baroka FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI we-Orlando Pirates uHappy Jele emi noweKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ngaphambi komdlalo wabakhaya we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, kusasa ngo-3.30 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI we-Orlando Pirates uHappy Jele emi noweKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ngaphambi komdlalo wabakhaya we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, kusasa ngo-3.30 ntambama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa