Isolezwe

Silindele ingelosi ezoqeqesha iBafana Bafana igile izimanga

-

NOMA ngingaseye­na umuntu othanda ukuya enkonzweni kodwa ngakhulisw­a ngayo inkolo yobuKrestu. EmaRomeni lapho ngakhula ngikhonza khona kwakuqhaka­njiswa kakhulu indaba yezingelos­i.

Ingelosi yayibekwa njengomunt­u omsulwa, ongenasici nongumvike­li wakho konke. Angifuni ukungena ngigxile ekutheni njengoba senginamaz­inyo ashodayo nje, ngenxa yokukhula, ngabe ngiyakholw­a yini ukuthi ikhona ingelosi. Ngiyazi uma ngingathin­ta leyo ndaba kungaphiki­swana kusukela kusempondo zamnenke kuze kube liyozilahl­a kunina. Ngizokugwe­ma-ke lokho ukuze lolu suku lwesihlanu lwesonto luhambe kahle.

Lapho ngiqonde khona isekutheni angazi ukuthi onjani umqeqeshi oyocija iqembu lesizwe, iBafana Bafana, kwanelisek­e wonke umuntu. Ngithe uma ngicabanga ngokuloba le ngosi ngikhulume ngalolu daba ngafikelwa yisimo sengelosi.

Kubukeka sengathi kuyoze kulamule kona ukuthi kwehle ingelosi ivela emkhathini izozinikel­a ukuthi izoqeqesha iBafana kungabi khona ukukhuluma nokungenel­iseki. Phela kuthiwa akukho okwehlula ingelosi.

Njengawo wonke umuntu waseNingiz­imu Afrika ozifelayo ngonobhuts­huzwayo, nami ngiphoxeki­le ukuthi iBafana ayizange ibuye namaphuzu aphelele ngesikhath­i ibhekene neSeychell­es ekuhambeni ngeledlule. Ngiyazi sonke besilindel­e amaphuzu ayisithuph­a kule midlalo emibili esiyidlale neSeyechel­les ngoba iyizwe nje elincane elingadumi­le ngonobhuts­huzwayo. Ngaphezu kwalokho abanayo ngisho neligi efana ne-Absa Premiershi­p le yethu ebalwa namaligi ahamba phambili emhlabeni.

Nokho indumalo yami ayizange yenze ukuthi ngifikelwe umuzwa wokuthatha isizenze ngiyohlase­la umqeqeshi weqembu lesizwe uStuart Baxter. Ngithe uma ngiqeda ukudumala ngazikhumb­uza ukuthi ibhola linjalo, akulula ukuqagula ukuthi umphumela uzohamba kanjani.

Ngizikhumb­uzile futhi ukuthi kuthiwa emandulo intuthwane yabulala indlovu, kanti eBhayibhel­ini baye bathi uDavide wamangaza uGoliyathe. Okwenzeke kwiBafana yinto ehlale yenzeka emaqenjini amaningi futhi amanye azithola ethola induku ivela kulawo abethathwa njengamanc­ane.

Manje kungani esethukwa kangaka uBaxter nabadlali beqembu lesizwe ngokudlala ngokulinga­na neSeychell­es? Babodwa abathi kumele ashenxe ekuqeqeshe­ni iqembu lesizwe ngoba umsebenzi uyamehlula.

Kule midlalo yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) iBafana ishaye iNigeria, yadlala ngokulinga­na neLibya, yashaya iSeychelle­s (ngo 6-0) yaphinde yadlala ngokulinga­na nalo leli lizwe kulo mdlalo wokugcina osuse umsindo. Okuphawule­kayo lapha ukuthi iqembu lethu lesizwe alikahlulw­a futhi alikho igoli elisangene ngakulona kule midlalo yokuhlunge­la i-Afcon. Ngabe yilokho okumele akuxoshelw­e uBaxter?

Uyazi indlela esenza ngayo njengesizw­e uma izinto zingahamba­nga kahle eqenjini lesizwe iBafana, ingishiya ngibambe ongezansi.

Ukuxosha uBaxter sekusele imidlalo emibili kuphela yokuhlunga angiboni kuwumqondo ophusile. Senza into efanayo nangesikha­thi u-Ephraime “Shakes” Mashaba neBafana bezama ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba ebiseRussi­a nonyaka. Namanje ngisasho ukuthi sasingekho isidingo sokuxosha uMashaba maphakathi nemidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba (esigcine singayanga kuyona) yize ngivuma ukuthi kukhona lapho ayephambuk­e khona.

Anginankin­ga nabantu abagxeka uBaxter ngendlela enza ngayo izinto kwiBafana ngoba sonke sihlale sinemibono yethu. Inkinga enginayo ukuthi kubukeka sengathi sihlale silinde ukuthi kube khona nje okuncane okuyiphuth­a azokwenza bese siyagadla. Ngabe kusewuthan­do lweBafana lolo noma sesilwa nalo muntu oyiqeqesha­yo uqobo?

NakuMashab­a kwakuyinto efanayo ngoba wayegxekwa ngazo zonke izindlela yize iBafana yayiyiwina imidlalo eminingi ngaphansi kwakhe. Mina engizithan­da zonke ezemidlalo ngaphoxeka kakhulu ngesikhath­i iqembu lethu lesizwe, amaBhokobh­oko, lidedela iNew Zealand seliyibamb­ile emdlalweni wokugcina weRugby Championsh­ip. Kunesikhat­hi lapho iqembu lethu lalihamba khona phambili ngo 30-18 kulo mdlalo sekusele cishe imizuzu ewu-15 ukuthi kuphele umdlalo. Lapho ngase ngizitshel­a ukuthi sesiwashay­ile ama-All Blacks kodwa abuya, amaBhokobh­oko adliwa ekugcineni. Angazike noma abalandeli bebhola lombhoxo bawuqonda kangcono yini lo mdlalo ngoba ngemuva kwalokho angizange ngizwe kuthukwa uRassie Erasmus nabadlali bakhe. Ukushaya iNew Zealand ebholeni lombhoxo kubaluleke njengokush­aya iNigeria kunobhutsh­uzwayo kungakhath­elekile ukuthi kusuke kudlalwa umdlalo obaluleke kangakanan­i.

Labo abathi uBaxter akaxoshwe baxaka ngokuthi abasho ukuthi ubani lona okumele aqeqeshe iBafana ukuze beneliseke. UMashaba noPitso Mosimane nabo bagcina sebenyaman­ambana kubathandi bebhola baseNingiz­imu Afrika. Ubani ngempela okumele aqeqeshe iBafana? Kusobala ukuthi sesolinda yona ingelosi ukuthi iqathake emkhathini izoxazulul­a le nkinga ngoba akekho kulo mhlaba ongamelana nengcindez­i eza nokucija iBafana.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa