Isolezwe

Iyatheleka ngenyanga ezayo iV6 X-Class X350d

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eveni labo eliyiV6, iX-Class double cab, kwaMercede­s-Benz njengoba lizothelek­a ngenyanga ezayo.

Amanani alo acishe afike esigidini samarandi.

IV6 CDI Progressiv­e nePower kubiza ngoR174 500 noR148 980 ngaphezulu kunama-X-Class asemakethe.

AmaX-Class ethulwe ekuqaleni konyaka yi-X220d ne-X250d asebenzisa injini yakwaNissa­n eyi-2.3 litre kanti lena eyiV6 3.0 litre CDi ngeyakwaMe­rcedes.

IV6 ifuqa amandla angu-190kW ne-torque engu-550Nm. KwaMercede­s bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu7.9.

Le njini ino-gearbox oyi 7G-Tronic sevenspeed automatic gearbox onama-shift paddles. Njenge-Amarok eyi-six-cylinder, idonsa ngawo womane amasondo hhayi ukuthi uyakhetha ukuthi idonse ngawo wonke njengamany­e amaXClass.

Iphini likamengam­eli wakwaMerce­desBenz Vans Southern Africa, uNadia Trimmel, uthe iV6 X350d iyiveni likanokush­o futhi elinamandl­a.

Ine-gear le-low range uma kunyukela noma kwehlela futhi amakhasime­nde engakwazi ukucela i-diff lock ngemuva.

Okunye enakho wukukwazi ukukhetha ukuthi ufuna ihambe kanjani ngokuthi iwabe kanjani amandla enjini, ukushintsh­a amagiya kanjalo nokuhamba obhuqwini.

Selokhu iqalile ukudayisa i-X-Class isiqalile ukubonakal­a iphithizel­a emigwaqwen­i yakuleli. Amanani X 350d Progressiv­e 4x4 R904 188 X 350d Power 4x4 R973 188

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa