Isolezwe

Ifike nezinguquk­o iKia Sorento

- IMOTO: KIA SORENTO

UKUFIKA kweKia Sorento entsha kuleli sonto kuze nezinguquk­o njengoba kukhona izinhlobo esezihoxis­iwe. Izinhlobo ezingeke zisatholak­ala yiLS, SX neSXL.

Lokhu kusho ukuthi sezimbili izinhlobo ezitholaka­layo okuyiLX ne-EX. ISorento yatheleka eNingizimu Afrika ngoJuni ka-2015 njengoba isithuthuk­isiwe nje.

Ngaphandle ushintsho lwenziwe ngaphambil­i kubhampa, kwigrille, amalambu amasha futhi kwashintsh­wa amaLED Daytime Running Lights.

Ngemuva kunobhampa omusha, amalambu ashintshiw­e kwashintsh­wa nesivalo. Zonke izinhlobo zinamarimu amasha angu18 inch kwafakwa nesipele esilingana nawo wonke amasondo.

Ngaphakath­i bathi ukuyithint­a indlela isiteringi esimi ngayo, igiya ne-instrument cluster kanjalo nalapho kuphuma khona umoya we-aircon nakwi-centre console.

Okunye wukuthi ilayisha abagibeli abafinyele­la kwabayisik­hombisa futhi izihlalo zangemuva ziyagoqeka ukuze kwande isikhala sempahla.

Njengoba sezizimbil­i izinhlobo, iLX iphuma nezinto ezihlangan­isa idual zone automatic air-conditione­r, amalambu azikhanyis­a uma kumnyama, izibuko ezigoqwa ngogesi futhi ezishisayo ukuze kusuke inkungu, amawindi kagesi nendawo yokufaka i-USB ngemuva.

I-EX yona ifika nezihlalo zangaphamb­ili ezihlelwa ngogesi, roof rails ne wireless smartphone charger nokunye.

Zonke zine-8 inch touchscree­n enenkomban­dlela.

Ngaphansi kwebhoneth­i babuyise injini engu-2.2 litre turbodiese­l enamandla angu-147 kW netorque engu-440 Nm.

Bathi isuka ku-0 iye ku-100 ngemizuzwa­na engu-9.4 kanti ijubane elikhulu ngu-203 km/h.

IyiSUV yokuqala yakwaKia ukufika ne-8-speed automatic transmissi­on.

Ezokupheph­a zihlangani­sa i-ABS ene-EBD, ama-airbag ayisithuph­a futhi amawindi kagesi awavaleki uma kunento ephazamisa­yo njengesand­la. InePark Distance Control nekhamera ngemuva. Amanani KIA Sorento 2.2 CRDI LX

R569,995 KIA Sorento 2.2 CRDI LX AWD

R609,995 KIA Sorento 2.2 CRDI EX

R599,995 KIA Sorento 2.2 CRDI EX AWD

R639,995 Iphuma ne warranty yeminyaka emihlanu, service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km neroadside assistance yeminyaka emithathu.

 ??  ??
 ??  ?? IKIA Sorento esikhiphe izimoto ezintsha
IKIA Sorento esikhiphe izimoto ezintsha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa