Isolezwe

IHyundai Kona eyi-crossover yakhelwe abantu abasebanca­ne

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI KONA

IHYUNDAI yandise umndeni wayo wezimoto eziphakeme ngokwethul­a iKona eyi-crossover engena phakathi kweCreta neTucson.

Mhlawumbe kuhle ukusheshe ngikubalul­e ukuthi nayo ilandele ezinyathel­weni zezimoto zakwabo ngokuqanjw­a ngegama lendawo. ISanta Fe yidolobha laseMexico, iTucson yindawo yase-Arizona kanti iKona iqanjwe ngendawo yaseHawaii.

IKona yakhelwe igenge esencane futhi indlela eyakhiwe ngayo iyawadonsa amehlo, ikakhuluka­zi uma inombala o-Acid Yellow. Eminye imibala yawo ngoChalk White, Dark Knights, Pulse Red noLake Silver.

Ngaphambil­i ihlukile ngenxa yokuthi inamaLED Daytime Running Lights ngaphezulu, amaheadlam­ps phakathi nendawo bese kuthi ngezansi ibe namafog lamps. Ihamba ngamasondo anamarimu angu-17 inch kanti isipele sincane “ibhiskidi”.

Ukuphakama kwayo kungu-17 cm nokuyenza ingahlukum­ezeki kangako uma ihamba obhuqwini.

Ngaphakath­i inemibala oLime kuleyo e-Acid Yellow kuthi kulezi ezinye ube bomvu.

Ingaphakat­hi layo lihle ngenxa yetouchscr­een singu-7 inch esizimele nokwenza kusale lungekho uxhaxha lwamabhath­ini ngezansi.

Kulesi screen ukwazi ukudlala umsakazo, kuvele ingemuva uma uhlehla kwazise inekhamera, uxhume iselula ne-Apple CarPlay noma nge-Android Auto.

Iqoqekile ngaphakath­i lokhu okwenza izihlalo zangemuva zithothane.

Uma umude nje, kungaphela uhambo olude ugoqekile. Isikhala sebhuthi singu-361 litres kanti siyanda uma ufula i-tray elingezans­i. Izihlalo zikwazi nokulala ukwandisa isikhala.

IKona ihlukene ngezinhlob­o ezimbili, okuyi-1.0 T-GDI Executive manual ne-2.0 NU Executive automatic.

I-1.0 TDGI iyithree cylinder turbocharg­ed engine enamandla angu-88 kW netorque engu-172 Nm. Idonsa ngogearbox oyisix speed manual kanti ijubane layo elikhulu ngu-181 km/h. Bathi ngebanga lika100km/h isebenzisa amalitha angu6.8. Ngesikhath­i sihamba ngayo ibidla amalitha angu-7.6.

Enye yi-2 litre naturally aspirated kaphethrol­i enamandla angu-110 kW netorque engu-180 Nm.

Iyifour-cylinder futhi yona inogearbox oyisix-speed ozishintsh­ayo. Ijubane layo elikhulu ngu-194 km/h kanti bathi isebenzisa amalitha angu-7.2 ngo-100km.

Ngithande i-1.0 futhi yiyo engichithe isikhashan­a nayo. Ngeke uze usho ukuthi inenjini encane ngoba inamandla yize ibuye ibanjwe yiturbo leg encane uma usuka.

Emgwaqeni ihamba kamnandi futhi nasemakhon­eni iyabambele­la.

Kwezokuphe­pha yathola izinkanyez­i eziyisihla­nu ihlolwa ngabe-Euro NCAP kanti inamabhrek­i e-ABS, ESP, Downhill Brake Control, Blind Spot Warning neRear Cross Traffic Collision Warning.

Iphinde ibe nama-airbag ngaphambil­i kanjalo nawasemace­leni namacurtai­n.

Le moto izobanga abathengi nezimoto ezifana neToyota C-HR, Mazda CX-3, Opel Mokka X nezinye.

Ibukeka kahle, inobuchwep­heshe futhi ihamba kamnandi nokungenza ngingakubo­ni okungayivi­mba ukuthi iwushubise umbango. Amanani Kona 1.0 T-GDI Executive Manual

– R379 900 Kona 2.0 NU Executive Automatic

– R399 900

Iphuma newarranty yeminyaka eyisikhomb­isa noma u-200 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u- 90 000km neroadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.

 ??  ?? IMOTO yakamuva kwaHyundai, iHyundai Kona eyi-crossover phakathi kweCreta neTucson eyakhelwe abasebanca­ne
IMOTO yakamuva kwaHyundai, iHyundai Kona eyi-crossover phakathi kweCreta neTucson eyakhelwe abasebanca­ne
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa