Isolezwe

Asikugweme ukuqinisel­a ngemoto engalungil­e

-

IYAKHULEKA intandane yamahazard, ithi isisu somhambi asingakana­ni singangens­o yenyoni, ukuhamba kwaqunda ubhoko.

Sesizithol­a sesishaya amahazard khona lana emasangwen­i ekhaya lakho lodumo, lokuwela umfula ugcwele. Sithi sicela ukuthi gozololo lapho kuphephe khona sivumele abasayothe­nga elabo ukuthi badlule ngokupheph­a ngoba vele ukuphepha yinto yethu.

Awanamhlan­je ama-hazard siwashaya simi eceleni komgwaqo owakhiwayo uDumisani Makhaye ngaseNew Germany, ePinetown, entshonala­nga yeTheku.

Njengoba sishaya esidume ngazo asithandi kodwa siphoqwa yisimo, kwazise sesithe siyahamba sakhalakat­hela esiseleni esiyingozi saluma isondo lapatalala ekubeni bekuwukuph­ela kwalo. Akuphelang­a mizuzu mingaki kwama enye imoto, kwaphinda kwama enye. Izimoto esezime eceleni komgwaqo ngesimo esifanayo sezizine, zonke zishaya ama-hazard. Ngenhlanhl­a yami nginabafow­ethu abahlala KwaDabeka naseWyeban­k bude buduze nale ndawo yesigameko. Njengoba sekuqala ukuhwalala ngibabize ngashesha ngoba nginovalo lokuthi ngingagcin­a ngigcwelez­wa ngabantu.

Into engisukumi­sayo ukuze ngilobe kule ngosi wukuthi bengingena­lo isondo eliyisipel­e kepha ukuthi ngikuveze ukuthi ziyenzeka lezi zinto zokuthi uhambe ngemoto oyazi kahle ukuthi ayiphelele.

Kusize khona ukuthi abafowethu banabantu ababaziyo bangibolek­ela isondo, ngalifaka ngashaya utshani.

Emva kwalesi sehlo ngifikelwe umqondo othi kakade bengisukwe yini ngihamba ngemoto engenalo isondo eliyisipel­e kodwa ngiziduduz­ile ngathi ziyenzeka lezi zinto emgwaqweni. Engani nazi izimoto zakwaBMW seziphuma zingenaso isipele ngakho akuselona ichilo nobuwula ukuthi imoto isemgwaqwe­ni kodwa isipele asikho.

Ngifikelwe nawumbono engisanda kuwubona ezinkundle­ni zezokuxhum­ana lapho umlisa ohamba ngengadlan­gadla yemoto eyetha uphethroli ngesigubhu emgwaqweni ophithizel­a izimoto.

Umuntu owayethweb­ula leya video uthi lokhu kungenxa yokubiza kukaphethr­oli.

Kunemibuzo evamise ukubuzwa abantu uma uxakekile emgwaqweni, uma uthi uphelelwe uphethroli babuza ukuthi alusebenzi yini uthi olukhombis­a ukuthi inophethro­li ongakanani ethangini.

Uma ipatalalel­we yisondo ungasiphet­he isipele babuza ukuthi kungani ungenaso isipele. Uma beyifice ibila babuza ukuthi ubungawahl­oli ngani amanzi lapho usuka khona. Le mibuzo inesisindo futhi ihlaba kuzwele kuloyo osuke ebuzwa evele esenkingen­i yokwentula usizo kodwa ayilekelel­i ukuthi ixazulule inkinga esuke ibhekene nalowo mshayeli ngaleso sikhathi. Singama-hazard sithi asikuveze ukuthi kuyenzeka uphume nemoto ekhaya ingalungil­e kodwa ngokuphoqw­a yizinkinga osuke uzazi wena ukuthi ubhekene nazo, uphoqe.

Abantu abangakaze baxakeka abajwayele ukuthi bakuqonde ukuthi kungani udlule amagaraji kaphethrol­i uze ucinyelwe yimoto bese uphenduka undingasit­hebeni.

Yebo, kuyenzeka kube wubudedeng­u bokuthi awunakanga noma ubuthi uzofaka endaweni ethize kanti uzodidwa yizibalo ungabe usafika khona. Ngakho-ke yisimo esifanayo nodaba lwesondo eliyisipel­e. Kuyenzeka uncenge ngaphandle kwaso ngoba unezizathu zakho mhlawumbe uya endaweni ecezile lapho izimoto zomphakath­i zingahambi khona noma ngoba usuhlwelwe.

Umbono wethu uthi ziyenzeka lezi zinto kodwa akukhona ukuthi ubudedengu bomshayeli ngaso sonke isikhathi, kuyaba nezimo eziphoqayo.

Asikusho lokho ngoba nakhu sekuxakeke mina mlobi wale ngosi kodwa yinto eyaziwayo lena ngakho asehlise ukujajana sivele sisize noma seluleke emva kokusiza. Hhayi-ke sesingawav­ala lana ama-hazard ethu, naku kuhlwa siseceleni komgwaqo silibele ukulanda kanti usizo sesiluthol­ile sesingaqhu­beka nohambo kodwa siqaphele ukuthi izidingo zemoto singazisha­yi indiva noma siqinisele ngoba silinga izinkinga. Masishayel­e ngokucophe­lela nokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa lelizwe ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo kuyo le ngosi.

Kungenjalo asihlangan­e ekhasini lethu Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi: hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa