Isolezwe

I-Rush iSUV ehehayo kwaToyota

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: TOYOTA RUSH

ENYE yezinkampa­ni ezenza kahle eNingizimu Afrika ekudayisen­i izimoto yiToyota. Futhi lokho sekwenzeke iminyaka.

Lokhu kungenxa yokuthi isineminya­ka ikhona, abantu sebeyayeth­emba. Iyazi ukuthi umbango uyashisa yingakho kungathusa­nga ukuyibona yethula iSUV entsha encane ukuze iqinise isikimu sayo. Imoto yabo abayethuli­le yiRush. Ukuphakama kwayo kungu220mm, ishaya nge-approach angle engu-21 degrees bese kuthi i-departure angle ibe ngu-26.5 degrees.

Ngaphandle iyabukeka ngenxa yokuthi inamalambu angamaLED ngaphambil­i, trapezoida­l grille enkulu, ama-fog lamps ngezansi ne-skid plate esiliva ngezansi.

Eceleni ngezansi ishaya ngekhava emnyama esuka ngaphambil­i ize iyophuma ngemuva, bese iba namarimu angu-17 inch. Inesipele siwusayizi ofanayo namanye. Ngemuva inamaLED lamps. Okhakhayin­i inama-roof rails.

Ngaphakath­i bayakhe kahle kwidashboa­rd bayifaka i- touchscree­n audio system okwazi ukuxhuma iBluetooth, USB ne-Android Auto Plus noma i-Apple CarPlay.

I-screen siveza ingemuva uma uhlehla njengoba inekhamera. Ngezansi kwe-screen kukhona izinkinobh­o zokulawula i-airconditi­oner.

Isiteringi siyi-3-spoke futhi ngesesikhu­mba. Sinjalo nje sinamabhat­hini okulawula umsakazo nokubamba ucingo.

I-instrument cluster iveza imininingw­ane ebalulekil­e edingwa wumshayeli, njengokuth­i kusele uphethroli ongakanani.

Okugqamile kodwa ngaphakath­i wubukhulu bayo. Ilayisha abagibeli abayisihla­nu, isikhala sebhuthi sikhulu njengoba singu609 litres. Bekungaba kuhle nokho ukube kuthiwa kukhona ikhava yokumboza impahla uma isebhuthin­i ukuze ifihleke.

Ezinye izinto enazo kubalwa amalambu azikhanyel­ayo uma kumnyama, izibuko ezigoqekay­o ngogesi, Park Distance Control, idunyiswa ngebhathin­i futhi inekeyless entry eyenza impilo ibe lula uma uphethe impahla ngoba akudingi ukuthi uyibeke phansi usabheka ukhiye.

Mhlawumbe lobu buhle kwaToyota bebenzela ukugqiba ihlazo lokuthi iyaphoxa uma isihamba. Izihlalo azikho ntofontofo futhi inomsindo ngaphakath­i. Ngize ngakhumbul­a imoto yakudala kwaToyota iVenture.

Injini yayo ingu-1.5 litre fourcylind­er DOHC engine. Ifuqa amandla angu-77 kW ne-torque engu-136 Nm. Ebesihamba ngayo ibinamagiy­a ayisihlanu ashintshwa­yo njengoba kukhona nezishints­hayo.

Uma uhamba ngayo kuvele kube nomsindo wenjini uze ubheke ukuthi kwenzenjan­i. Bekungaba ngcono uma kuthiwa kunegiya lesithupha.

KwaToyota bathi ngebanga lika100km iphuza amalitha kaphethrol­i angu-6.7. Kodwa kimi ibisebenzi­sa angaphezul­u kwayisikho­mbisa.

I-suspension yayo ngemuva unamaMcPhe­rson struts ngaphambil­i kuthi ngemuva kube yiMultilin­k.

Kwezokuphe­pha ifika neVehicle Stability Control, Anti-lock Braking System (ABS) neHill Assist Control.

Inama-airbags ayisithuph­a ahlanganis­a eyomshayel­i nomgibeli, awasemacel­eni namacurtai­n airbags.

Inani layo nobukhulu ngikholwa wukuthi yikhona okuzoheha abathengi kodwa akuyona imoto okumnandi ukuhamba ngayo ngenxa yomsindo wayo. Inani Rush 1.5 MT - R299 900

Ifika ne-service plan ka-90 000km noma amasevisi ayisithuph­a ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa