Uqale ibhizinisi esengumfundi lachuma
UTHANDO lokudweba izikibha zakhe ayezigqoka lugcine ngokumngenisela imali usomabhizini osafufusa waseMgungundlovu, oqale ibhizinisi lokufaka imibhalo ezimpahleni zokugqoka.
UMnuz Siyabonga “Sya” Caluza (23) osezinze eThekwini uphothule izifundo ze-Information Technonogy (IT) eComputer Training Institute. Uqale ibhizinisi lakhe lokudweba izikibha elihamba kahle, iFBS Apparel Pty (Ltd).
Le nkampani uyisungule ngo2016 esengumfundi.
“Ngazithola nginesizungu ngoba izifundo ze-IT zazingangijabulisi. Ngibe sengiqala ukwenza into engangiyikhonzile, ngadweba izikibha zami engangizigqoka esikoleni. Imfashini yinto ebengivele ngiyikhonze kakhulu ngisho ngisafunda. Ekuhambeni kwesikhathi abanye abafundi bacela ukuba nabo ngibenzele izikibha ezibhaliwe, bangikhokhele. Kugcine sekuba ibhizinisi lami kusukela ngo-2016. Sengiqedile esikole, ngabe sengenza lo msebenzi ngokugcwele,” kusho uSiyabonga.
Phakathi komsebenzi awenzayo wokufaka imidwebo emakapisini, ezikibheni nasemajakhethini.
Usebenzisana nezinkampani, izikole noma izinhlangano ezifuna ukubhala imidwebo yazo empahleni ethize.
USiyabonga wenze isitifiketi seBusiness Management ngaphansi kohlelo lweNational Youth Development ngoJulayi nonyaka ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe.
Uthe akuhlose kakhulu ukuba athuthukise abantu abasha, avule amanye amathuba omsebenzi.
“Baningi abantu abasha abangenayo imisebenzi, abanye abazithola benza izinto ezingalungile nabangani, bagcine bengene ezinkingeni okuba nzima ukuphuma kuzo. Leli bhizinisi indlela yokuba abantu abasha bakwazi ukukhiqiza izinto zabo, bagqoke izimpahla abazithandayo ezibajabulisayo,” kusho uSiyabonga.
Ibhizinisi lakhe lisebenzela ehhovisi elikuMhlanga Drive. Uxhumana kakhulu namakhasimende akhe