Ukhwantalala ludla lubi kosomabhizinisi
UCWANINGO luveza ukuthi u-76% wosomabhizinisi abancane unokhwantalala ngenxa yezingqinamba obhekana nazo emabhizinisi awo.
Lolu cwaningo olwenziwe yiBusiness Partners Limited olubizwa ngeSME Confidence Index luveza ukuthi ukungakhokhelwa ngesikhathi kufakela osomabhizinisi ingcindezi njengoba begcina bengazi ukuthi bazoyithathaphi imali yokuqhuba umsebenzi neyamaholo.
Ekupheleni kukaSepthemba usomabhizinisi omncane waseTsakane, uSbu Ngwenya (27), wanyamalala kodwa wabuye watholakala.
Uphumele obala waveza ukuthi unokhwantalala ngenxa yokuthi ibhizinisi lakhe aliqhubi kahle.
Ugqugquzele abantu ukuthi bathenge amasokisi akhe atholakala ezitolo ezinkulu eveza nokuthi udinga abatshalizimali abazothuthukisa ibhizinisi lakhe balibeke kwelinye izinga ngenxa yokuthi ubona esekwenze konke obekufanele akwenze.
UMnuz Jeremy Lang oyiGeneral Manager kwaBusiness Partners uthe osomabhizinisi kufanele bazame ukuthola isisombululo sezingqinamba abasuke benazo ukuze bangabi nokhwantalala. ezinkundleni zokuxhumana i-instagram Afbs-apparel noma @ apparel_fbs.
“Ukhwantalala luyalibulala ibhizinisi ngakho kufanele osomabhizinisi baqinisekise ukuthi bathola izisombululo ezinkingeni abasuke bebhekene nazo. Ngiyazi ukuthi bahlale becabanga ngaso sonke isikhathi kodwa ngiyacela bacabange ngezinto ezizokhulisa izinkampani zabo,” kusho uLang.
Uthe ukuba wusomabhizinisi kunzima ikakhulukazi kulesi simo somnotho ongakhuli kahle waseNingizimu Afrika.
“Uma uwusomabhizinisi omncane qinisekisa ukuthi unabantu obukela kubona, abakufundisa kabanzi ngebhizinisi. Laba bantu bazocathula nawe kuthi noma sekunzima ukwazi ukukhuluma nabo bakusize ukuthi ibhizinisi lakho libuyele esimeni,” kusho uLang. Ukhumbuze osomabhizinisi ukuthi ukuphila engqondweni kubalulekile ngoba kusiza osomabhizinisi ukuthi baphathe kahle imali futhi bagxile ekukhuliseni izinkampani zabo. Ubagqugquzele ukuthi bayozihlola isimo sabo sempilo, bazivocavoce, badle ngendlela efanele futhi balale ngokwanele.
Uphethe ngokuthi wonke umuntu osebhizinisini aqinisekise ukuthi usemkhakheni awuthandayo ngoba uthando lubalulekile futhi yilona olumsizayo uma esehlangabezana nesimo esinzima.