Isolezwe

Osaziwayo emshadweni woweSibaya

- FANELESIBO­NGE BENGU

BEKUKHANDE­NE osaziwayo emshadweni womlingisi weSibaya, uNhlanhla Mdlalose, noPercy Mdladla eDongala Hotel, eMnambithi, ngoMgqibel­o.

UNhlanhla ulingisa indawo kaBongani emdlalweni okhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.

Izithandan­i kazilufihl­i uthando lwazo kangangoku­thi uNhlanhla akanqeni ukufaka isithandwa sakhe ekhasini lakhe lika-Instagram.

Phakathi kosaziwayo abebekhona kubalwa ozakwabo beSibaya uNomzamo “Thandeka” Mbatha, Ayanda “Phumelele” Borotho, Lerato “Samkelo” Mvelase, Muzi “Duma” Mthabela, Asavela “Ntwenhle” Mngqithi, Mdu “Ntandane” Gumede nabanye. Bekukhona nonontanda­kubukwa weTheku uThah Simelane, Ayanda Ncwane, umculi uMpumi, umhleli woMsinga DriftKhana uSmanga Mabaso, Jabulani “Cashflow” Ngcobo, Siyabonga Nkosi, Reggie Nkabinde, Linda “Mr Magic” Sibiya nabanye.

Bekuthiwe umshado uzoqala ngo-10 ekuseni kodwa uze waqala ntambama.

Izimenywa bese zifikile zilokhu ziqhabula ama-cocktails.

Esangweni bekumi onogada abebebheka igama ngaphambi kokuthi umuntu angene. Bathe amagama abantu abaningi abengekho kodwa umyeni ubede eshaya ucingo ethi abangenisw­e.

Kuthe ngabo-3 ntambama kwaqhamuka ujenga lwezimoto zikanokush­o okubalwa kuzo amaBMW i8, Bentley, obekuyiyo ebithwele umyeni, Range Rover, BMW M4, Maserati nezinye.

Umkhwenyan­a ungene lapho bekushadel­wa khona otshanini phandle, ngo3.22. Kube sekulindwa umakoti oze wangena ngo-4.06 ntambama kwasuka ubulilili omama bekikiza. Ungene eshaya umcathu kaBhovunga­na ephelezelw­a yinkondlo ebihaywa yimbongi uSbo Da Poet, owumlingis­i weSibaya. Umfundisi ushaye ngezinqamu­lelayo ngaphambi kokuthi izithandan­i zingene emotweni zihambe izimenywa kwathiwa azisale zibambe okuya ngezansi kwempumulo.

USimphiwe Majola ubelokhu ephithizel­a kwazise nguye obengumhle­li. Kube sekungenwa etendeni kwaqhubeka umgcagco.

 ??  ?? UMLINGISI weSibaya uNhlanhla Mdlalose nenkosikaz­i yakhe uPercy Mdladla emshadeni wabo obuseDonga­la Hotel, eMnambithi, ngoMgqibel­o
UMLINGISI weSibaya uNhlanhla Mdlalose nenkosikaz­i yakhe uPercy Mdladla emshadeni wabo obuseDonga­la Hotel, eMnambithi, ngoMgqibel­o
 ?? Izithombe: INSTAGRAM ?? U-AYANDA Borotho olingisa emdlalweni Isibaya nengoduso kaMnuz Jacob Zuma, uNonkayiso Chonco nabo abebesemsh­adweni
Izithombe: INSTAGRAM U-AYANDA Borotho olingisa emdlalweni Isibaya nengoduso kaMnuz Jacob Zuma, uNonkayiso Chonco nabo abebesemsh­adweni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa