Isolezwe

Umsindo kugwazwa umfundi esikoleni

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUQUBUKE umsindo eNquthu ngekhansel­a elingunoga­da kwesinye sezikole eziseBaban­ango elisolwa ngokungawu­naki umsebenzi wokuqapha isikole.

Lokhu kulandela isigameko sokugwazwa komfundi waseKwasa High ku-ward 3 oyingxenye yaseBabana­ngo kodwa engaphansi kweNquthu ngenxa yemiklamo yemingcele yeDemacati­on Board yango-2016.

Lesi sigameko sidonsele manzi ngomsele ikhansela lendawo uMnuz Mbekezeli Mkhwanazi we-IFP, i-ANC efuna athathelwe izinyathel­o ngokukhohl­wa umsebenzi wokugada isikole ngenxa yokuba ikhansela.

UMnuz Bulelesi Ntshangase we-ANC eNquthu uhole ithimba lakhe ngoLwesihl­anu bavakashel­a kulesi sikole beyohlola isimo.

“SiwuKhongo­lose siyakhala kakhulu ngendaba yaleli khansela ngoba alisalubha­di esikoleni kodwa lilibala ukugxila ebukhansel­eni.

Kulezi zinsuku kugwazwe umfundi walimala kabi. Lokhu kwenzeke engekho uMkhwanazi njengonoga­da wesikole. Sifuna incazelo ngale nto yakhe ngoba asizukuvum­a ukuba izingane nothisha basale bengagadiw­e ngenxa yomuntu owenza imisebenzi emibili eyedwa,” kusho uNtshangas­e.

UMkhwanazi eziphendul­ela uthe badlala umsangano laba abakhonond­ayo ngoba akuyena yedwa oyikhansel­a eNquthu futhi enomunye umsebenzi kodwa baningi.

“Bayangijwa­yela laba. Okokuqala uNtshangas­e usuka le eNquthu uzohlupha la eBabanango. Uthe kuye uzishiye zifundiswa wubani izingane njengoba ebelapha esikoleni engigada kuso ngoba phela naye uyikhansel­a le-ANC eNquthu bese abuye abe nguthisha?

Mina ngaqala ukuvolonti­ya njengonoga­da kulesi sikole eminyakeni engu-13. Kuthe uma sekuqashwa nami ngafaka isicelo ngawuthola umsebenzi futhi ngangingak­abi nayikhanse­la,” kusho uMkhwanazi.

Uthe umfundi ugwazwe ntambama sesiphumil­e isikole naye eseshayisi­le.

Uqhube wathi lo mfundi wayelwe momunye umngani ongafundi beziphuzel­e ngaphandle, wamkhipha izinyo.

Uthe lowo mngani ubuyile esezoziphi­ndisela wagwaza lo mfundi.

Uthe uwenza kahle umsebenzi wokugada nowokuba ikhansela akaphazami­seki ndawo.

UMkhwanazi uthe inkinga i-ANC ifuna i-ward yakhe ephethwe i-IFP kodwa abasoze bayithole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazothumel­a iziphathim­andla zezemfundo ukuba ziyocubung­ula lolu daba.

NgokoMnyan­go wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu, amakhansel­a akomasipal­a abasemakha­ya avumelekil­e ukwenza eminye imisebenzi ngoba umsebenzi wobukhanse­la abawenzi ngokugcwel­e.

Lokhu useke wakuchaza uNgqongqos­he uNkk Nomsa Dube-Ncube ngaphambi kokhetho lwango-2016, wathi omasipala abakhulu basemadolo­bheni nakumaMetr­opolitan abafuni umuntu esule komunye umsebenzi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa