Isolezwe

Bazobanjwa maduze ababulali: Cele

- LUNGI LANGA

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Bheki Cele usethembis­e ukuthi bazotholak­ala kungekudal­a ababulale isikhulu sikamasipa­la waseMvoti esidutshul­we sabulawa ngentululw­ane yezinhlamv­u ehhovisi laso.

UCele ubehambele umndeni kaMnuz Thobani Ndaba obebambe kwesokuba ngumqondis­i wophiko lwakwaComm­unity Services kuMasipala waseMvoti okuthiwa uhlaselwe wabulawa esehhovisi lakhe eliseGreyt­own ngoLwesine olwedlule.

Ngokusho kukaCele, uNdaba udutshulwe ngesibhamu sohlobo lwe-AK 47 amahlandla alinganise­lwa kwangu-20.

Utshele umndeni ukuthi usekhulumi­le nophiko olujutshwe ukuthi luphenye ngokubulaw­a kukaNdaba ngoba efuna ukwazi ukuthi seluhambe kangakanan­i nophenyo.

“Namuhla (esho izolo) ngiyile eGreytown ukuthola umbiko oshoyo ukuthi amaphoyisa asehambe afikaphi (nophenyo). Ngingasho ukuthi ngigculise­kile ngombiko wawo. Akusekude ukuthi sazi ukuthi kwenzekeni,” kusho uCele.

Uveze nokuthi uhambele la okubulawe khona uNdaba lapho athe ufike wakholwa ukuthi umuntu ombulele ubemfuna efile ngempela.

UCele uthe amahhovisi obekuseben­zela kuwo uNdaba awakude nesiteshi samaphoyis­a. Uthe umuntu ombulele akabanga nandaba nalokhu wasebenzis­a isibhamu i-AK 47 nokuyisibh­amu athe sinomsindo omkhulu. UCele uthe bebazi kahle ukuthi amaphoyisa azosizwa isibhamu siqhuma kodwa baqhubeka bazombulal­a.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngezigamek­o zokubulawa kwabantu ezigcina zibuyele KwaZulu-Natal njengoba ethe sekukaning­i kubulawa abantu bese kutholakal­a ukuthi abantu abababulel­e abakulesi sifundazwe.

Wenze isibonelo ngabantu ababulale ummeli waseCape Town, uMnuz Pete Mihalik osekuboshw­e abasolwa ababili ngokufa kwabo – bobabili okuvele ukuthi abakulesi sifundazwe.

Kuqhume isililo ngesikhath­i uCele efika njengoba umndeni bewusazama ukwamukela isigameko esenzekile.

UMnuz Bongani Ndaba ongumfowab­o uthe balahlekel­we ngokufa kukamfowab­o.

Umchaze njengomunt­u obezinikel­e emsebenzin­i wakhe.

Uthe kubuhlungu ukuthi ababulali bancishe umfowabo ilungelo lakhe lokuphila kodwa bona noma bangaboshw­a bayobe besenalo elabo ilungelo lokuphila.

 ??  ?? UMNUZ Thobani Ndaba odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u esehhovisi lakhe eGreytown
UMNUZ Thobani Ndaba odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u esehhovisi lakhe eGreytown
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa