Isolezwe

Isiboshwa sidubule amaphoyisa sisesitoki­sini kwafa sona

- ZANELE MTHETHWA

KUFE isiboshwa ebesitokil­e esiteshini samaphoyis­a eSiphingo, okuthiwa sivulele ngenhlamvu emaphoyise­ni kwalimala ezinye iziboshwa eziyisihla­nu.

Kushaye isikhathi sokuloba izolo ingakathol­akali eminye imininingw­ane ngesiboshw­a esishone kulesi sigameko esenzeke ngoMgqibel­o ngezithuba zabo 7 ebusuku.

Kuthiwa isiboshwa esidubulil­e besitokile nezinye ebezilethe­lwa ukudla ngamaphoyi­sa ezitokisin­i kanti sizokhipha isibhamu sidubule.

Kuthiwa amaphoyisa nawo abuyisele ngenhlamvu, kwashona lesi siboshwa kwathi ezinye zangeniswa esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uLieutenan­t-Colonel Thulani Zwane usiqinisek­isile isigameko, wathi alikho iphoyisa elilimele.

“Kuvulwe icala lokubulala, awokuzama ukubulala nawokweqa esitokisin­i. Kusaphenyw­a ngalesi sigameko kanti eminye imininingw­ane ayikakaphe­leli,” kusho uZwane.

Kusolwa ukuthi lesi siboshwa besifuna ukweqa nezinye. Akwaziwa ukuthi isibhamu esisetshen­ziswe kulesi sigameko ngesikaban­i. Esinye isigameko esenzeke ngempelaso­nto, owesilisa oneminyaka engu-25 uboshelwe icala lokuphanga nelokuzama ukubulala. Uboshwe esigamekwe­ni esenzeke eCowies Hill eThekwini lapho owesilisa oneminyaka engu-55 ehlaselwe abasolwa abathathu abebehlomi­le emzini wakhe.

Kuthiwa abasolwa badubule lo wesilisa esifubeni. UZwane uthe ummangali naye ubephethe isibhamu okuthe uma ehlaselwa waphindise­la, umsolwa wabaleka nalaba ababili abehamba nabo. Amaphoyisa athole isidumbu somunye wabasolwa ehlathini nomunye obelimele oyiswe esibhedlel­a, waboshwa. Umsolwa wesithathu akakathola­kali njengoba ebalekile. Oboshiwe kulindelek­e ukuthi avele maduze eNkantolo yeMantshi ePinetown.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa